... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukushaya Kwenhliziyo Yenkolo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jeremiya 33:3 Ngibize ngiyakukuphendula ngikutshele izinto ezinkulunezifihlekeleyo ongazaziyo.

Listen to the radio broadcast of

Ukushaya Kwenhliziyo Yenkolo


Download audio file

“Inkolo” yigama leli ,engilenqenayo ,elingenza ngithi dlengelele qede ngithuke .Ngoba kimi lilayishe inqwaba la esikhwameni salo ,liphethe imithetho ,imikhuba engamasikonkolo , nokungamaphunga athaphukayo okucishe kuthi akube wuhlobo lobuKhrestu obugqwalile  engakhula kubona .

Futhi angikutshele ukuthi lesikhwama esiqukethe konke okukhathele,akukhona nje kuphela ukuthi asingenzelanga lutho,kodwa kwaphinda kwangiqhelisa ebuKhrestwini,kuJesu,kuNkulunkulu ,iminyaka eminingi. 

Ngeshwa ,ngisho nanamhlanje baningi abantu abazibiza ngaMaKhrestu , abakusho lokho ngokwenqubo yemithetho  yezenkolo eyabangena ngenxa yokukhuliswa ngayo ngabazali kodwa hhayi ngoba bengenwe yivangeli uqobo .Kumbe ubudlelwane babo noJesu babuqale kahle kodwa bagcina sebuyinto eluvivi espholile futhi .

Ake uqhathanise uqobo lokwenza kwezinto olubuhlungu nokho ,uluqhathanise nalenkulumo evela kuNkulunkulu :

Jeremiya 33:3 Ngibize ngiyakukuphendula ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekeleyo ongazaziyo.

Kunolangazelelo olugcwele uthando kuNkulunkulu la ngabantu baKhe ukuba bamazi kangcono basondele kuYe . Ulangazelelo olungasaluningi ezinhliziyweni zaMaKhrestu amaningi . Ngokuqhathanisa ngokwehlukile u- A.W. Tozer ubhala athi :

Ukuqhubeka ngokungami nokushintshana ngothando ngokungenamahloni ,kunye nemicabango phakathi kukaNkulunkulu kunye nomoya womuntu ohlengiwe yikhona kushaya kwenhliziyo okuyisigqi senkolo yeThestamente Elisha  lokho.

Manje “inkolo” enenhliziyo ebhakuza kamnandi  , egcwele ulangezelelwano phakathi koMdali nodaliwe , yiyonanto kanye engingangena kuyo ngigijima nami. Yebo yilokho  kanye nami engikufunayo .Kuwe Shlobo sami?

Ungavumi ukushaya kwenhliziyo yakho ngothando olunamandla kuNkulunkulu kugcine sekwehla ,kugqwale kumbe kwebiwe ,yinkolo engagcwele luthando ngaYe . 

Mbize uyakukuphendula !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..