... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthanda Umusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Mika 6:8 Ukutshelile ,muntu ,okuhle ,uJehova ufunani kuwe ,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa ,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?

Listen to the radio broadcast of

Ukuthanda Umusa


Download audio file

Kulelisonto sihluza ukuthi kuchaza ukuthini ukwenza okuhle ngokwamehlo kaNkulunkulu. Futhi esikhathini lakhona umngcele phakathi kokuhle nokubi ungagqamile uphashisiwe ,kusesikhathini kanye la kusemqoka kakhulu ukusikhuluma lesihloko .

Manje ,ake sithi nangu wena uvuka wehla embhedeni wakho ekuseni ,ebese into ekufikela kuqala okumele uyenze osukwini ngukwenza okuhle . Uzicabange ukuba ngowenza kahle kakhulu ngayo yonke indlela ongenza ngayo. Ukuba nomthelela omuhle kulabo abaseduze nawe .Kodwa hle hle lokho kuchaza ukuthini ?

Mika 6:8Ukutshelile ,muntu ,okuhle ,uJehova ufunani kuwe ,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa ,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?

Izolo besijula ngokuhluza ukuthi kuchaza ukuthini ukwenza ubulungiswa .Namhlanje ake singene ekuhluzeni ukuthanda umusa . 

Akudingekile Mlaleli ukuthi uze utshelwe yimi ukuthi ngisho singasincane kangakanani isenzo somusa kodwa singashiya umaka ongenakukhohlakala. Usuke waba kulesosimo lakhona ubhekene nalokhu nalokhuya impilo inzima kwesinye isikhathi uzwe kuhlanekezela izinyembezi kumbe kunkenkethe inhliziyo kodwa uthi ungazelele kube nomuntu oza kuwe egcwele ukumoyizela nesihe nothando qede uzwe amandla   okukhuthazeka ngaphakathi kuwe .

Kodwa ngicabanga ukuthi kunomehluko phakathi kokwenza umusa nokuwuthanda umusa. Kimi engakheke ngokungasheshi ukubona ukuthi hleze lomuntu engikhuluma naye uphansi enhliziyweni ,lokhu kungenza ngigeje ukuba nomusa kuye esimweni akusona .

Kodwa ukuthanda umusa kuchaza ukuba nakho kube yinto yokuqala oyicabangayo mawuhlangana nomuntu ; kuchaza ukuwacinga amathuba okwenza inkonzo yomusa komunye umuntu ; kuchaza ukuzisebenza ngokukuhlosa kwingaphakathi lakho umelana nomuzwa wobutha  ngomunye umuntu , kumbe lomuzwa wokuba kwi-mood yokuzizwa umenyanya nje , wena uma uthanda umusa ,uyaziphoqa ukungcwaba lowomuzwa qede ulubekele ukuba ngohlale egcwele umusa zikhathi zonke .

UJehova ufunani kuwe ? Ukuthanda umusa

Amen! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..