... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthokozis UNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 19:14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo makuthandeke ebusweni bakho Jehova ,dwala lami nomhlengi wami .

Listen to the radio broadcast of

Ukuthokozis UNkulunkulu


Download audio file

Impilo ibukeka ingumdonsiswano phakathi kokuzithokozisa nokuthokozisa abanye abantu . Kwesinye isikhathi siyakwazi ukuthola ibalance eright .Kwesinye isikhathi siyehluleka . Futhi uma sehlulekile ukuyibamba kahle ,impilo iphenduka ibe yinhlekelele.

Ngakho uma uqala uvuka embhedeni ,uzihlela ukuthokozisa bani kulolosuku ? Wena,abanye abantu ,UNkulunkulu  …kumbe awucabangi kwakhona nangakho .

Eminyakeni yokuphila kwami ngifunde kabuhlungwana ngeziga ezithile ukuthi ukungalokothi ukucabange kwakhona akukuhle . Ngoba uma singakucabangi impilo iphetha kabana.

Abanye bethu[ngiyazifaka nami] sigcina siwela ekuzithokoziseni ngokwendlela yokuthi kuze kulimale nobudlelwane babanye abantu noNkulunkulu uqobo . Abanye bagcina bephila izimpilo zabo bedansela isiginci sabanye bethokozisa bona ,sebengu –carpet wabo abadlalela kuwo. Noma kungayikuphi kukho kokubili akukho okuhle kukhona . 

Nansi indlela inkosi uDavide ekubeka ngayo emkhulekweni wayo kuNkulunkulu :

Amahubo 19:14Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo makuthandeke ebusweni bakho Jehova ,dwala lami nomhlengi wami .

UDavide wayeyindoda eyayisenhliziyweni kaNkulunkulu. Futhi inhliziyo yakhe ,nokuseqhulwini kuye kwabe kungukuthokozisa uNkulunkulu. Lokho kwakubandakanya ukuzinikela .Kubandakanya ukuthethelela abanye abantu. Kubandakanya ukukwazi ukuvala umlomo wakho ezikhathini la uzwa igidigidi lokufuna ukubanika  ucwezu lomqondo wakho . Kahle hle kubandakanya izinto eziningi ngokwemvelo yethu esingafuni ukuzenza .

Ngakho kungani uDavide  efuna ukwenza lezozinto ? Ngoba , Jehova ,Ulidwala lami nomhlengi wami .Yikho okumgqugqumezayo lokho . Kukangaki uNkulunkulu elidwala lakho na? Kukangaki ekuhlengile ? Phila impilo yakho ,kube seqhulwini kuwe ,ukuphilela nokuthokozisa Yena .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..