... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuveza Isandla

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KumaHebheru 10:24,25 Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

Listen to the radio broadcast of

Ukuveza Isandla


Download audio file

Uma ubona umuntu ehamba ngokunhlanhlatha ,esesondele ekwenzeni isinqumo esizomlimaza kumbe silimaze abanye , ukumsiza abuyele endleleni akukho lula .

Izolo sikhulumile kancane ngalokhu ukuthi nguNkulunkulu yedwa okwazi ukusiza umuntu . Singaphikisana nabo kushone ilanga kodwa impakamo ekubo ibenza bavaleke izindlebe bangezwa lutho .

Kodwa kunenye into futhi ebavimbiya ukumukela ukululekwa okuhle . Yi-roadblock esuke ibekwe yithi uqobo .Ake ukucabange lokho. Kukangaki lakhona umuntu uma ekugxeka ngesihluku kabuhlungu ,la okukusize ukuba usukume ubhunkule ulungise la  agxeka khona ? Lokho kumemeza kwabo ekhanda kuwe nephimbo eliyibhubesi uqobo ,konke lokho akukusizanga . Kodwa kukhona okwehlukile :

KumaHebheru  10:24,25 Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,  singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

Ukukhuthaza ukuveza uthando nokwenza imisebenzi emihle .Manje kunomcabango olapha .Uyathanda ukukhuthazwa? Mina ngiyathanda.Sonke siyathanda .Lesasiphukuphuku lesiya esiyotheleka eweni  silibhekile ,angikutshele ukuthi naso sakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu,sineziphiwo namagalela okwenza izinto ,uma kuhlakulelwe kahle kungagcina nakuye lomuntu kugcwele uthando nemisebenzi emihle . 

Qhubeka usondele kuye .Ungakhathali. Simelwe ngukuhlala sivuselelana ,sikhuthazana .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..