... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzizwa Umncane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 15:9,10 Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.

Listen to the radio broadcast of

Ukuzizwa Umncane


Download audio file

Ngiyakhumbula ngesikhathi ngizinikela kuJesu ngisemusha ,ngazizwa ngimncane uma ngiphakathi kwalaba bantu abangcwele engangiphakathi kwabo . Ngiyazibuza kaze wena awukaze uzizwe kanjalo?

Uyazi kunjani lokho .Ubuke abantu abakuzungezile qede uziqhathanise nabo . Yebo abanye  babo abekho lula ,kodwa abanye babo kumnandi ukuba seduze kwabo  be-smart ,bengcono kunathi .Kwesinye isikhathi kungakulethela ingcindezi yomqondo . 

Ebese ukwenza izinto  zedlulele ,nakhu sengiqhamuka mina ngiyimi nje ngizothi kuwe uNkulunkulu ulethe isipho sokuphila okuphakade kwamahhala uma ukholwa kuYe .Kodwa  …

Ngakube mina ngimuhle ngokwanele ? Mhlampe cha .

Umphostoli Phawuli uphendula lowombuzo kanye ngesikhathi ekhuluma ngokuvuka kukaJesu  nokuthi futhi labo abakholwa nguYe bayovuka sukulumbe ngokungunaphakade .Nakhu la asho khona :

1 KwabaseKhorinte  15:9,10 Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.  Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.

Uphawuli wayezingela amakholwa .Wayemubi ,engomncinyane kunabo bonke abancinyane . Nokho sikuleminyaka engu 2000 sifunda khona kanye lokhu akubhala .  

Uma ukholwa nguJesu unekusasa elingunaphakade . Ayikho into kwisemumva lakho  engakwephuca lokho .Ngakho ake sithole nasi isambulo .Sekuyisikhathi sokulahla lokho kuzizwa ungomncane ongafanelwe lutho, amen?!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.