... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukwamukela Uhlobo Oluhle Lokugxekwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 15:31 Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.

Listen to the radio broadcast of

Ukwamukela Uhlobo Oluhle Lokugxekwa


Download audio file

Njengoba kuke kwavela kwenye inkulumo yethu ,zimbili izinhla zokugxekwa eziphikisene ngokulinganayo. Okunye ngokusidicilela phansi ,okwesibili ngokusakhayo .

Yebo bakhona abantu abafuna ukukuqeda amandla ,bakubambezele ,bakuthu fofolozi bakuphonse laphaya . Bakhona empilweni yami neyakho. Futhi indlela engcono yokubhekana nabo ngukukwazi ukwehlukanisa . Uma ungeke wakwamukelwa ukululekwa kumuntu thizeni ngenxa nje yokubukeka kwabo kumbe inkambo yabo,manje pho kungani ukuba ukuvume ukumukela ukugxekwa yibona ?

Kodwa imvamisa ukugxekwa kuza kithi ngokusopha okuhle ,okulethwa kithi ngabantu abasithandayo, ngisho noma kuza kumtoti . Ngisho noma  kungenzi kamtoti ,bengakulethi ngesinono kithi . Ngisho ukugxeka kwabo kungabukeka kungukusehlulela ,kumbe kuza ngesikhathi esingafanele ,  kumbe uma kuzwakala sengathi basimele endleleni yethu . Kwesinye isikhathi iphimbo abakuletha ngalo ukugxeka lisenza sivese singabe sisabezwa .Pho manje ,wenze njani makunjalo ?

Izaga  15:31Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.

Angiphinde futhi ukuthi kusibuyisela ekukwazini ukuhlukanisa . Akungakho kakhulu ukuthi siyavuma noma asivumi ukumukela ukugxeka kwabo , kumbe ngokokuthi kuvusa umhlwengo wempakamo kithi,kumbe akuzi kahle kithina .Umbuzo  ongukhiye akukhona  ukuthi sikwemukele noma qha ukugxekwa ,nanku omele : ngakube kulusizo ? Uma ngikulalela lokhu ngakube kuzongenza ngibe ngcono kwengiyikho ? 

Ekugcineni kwakho konke  , Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.Olunye utoliko  lwesiNgisi luthi  : ‘umelwe ukufunda ukumukela ukugxekwa okwakhayo’

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..