... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukwenza Ubulungiswa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Mika 6:8 Ukutshelile ,muntu ,okuhle ,uJehova ufunani kuwe ,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa ,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?

Listen to the radio broadcast of

Ukwenza Ubulungiswa


Download audio file

Izolo sikhulume ngokuthi kuchaza ukuthini ukwenza okuhle ngokwamehlo kaNkulunkulu. Futhi enye ingxenye yalokho ngukwenza ubulungiswa . Ake sikuhlaziye lokhu.Kuchazani ingempela kithi ukwenza ubulungiswa ? 

Ubulungiswa busemqoka kuNkulunkulu .Uma uNkulunkulu enguNkulunkulu ,nakanjani kunezinto ongazilindela kuYe . Nebala ukuthanda ,futhi uma sima kancane  kesicabange ngalokho ,sikulindele kuYe futhi ukuba nobulungiswa . Lezizinto zobili ziyahambisana .UNkulunkulu ongenabulungiswa mancane amathuba ukuba angaba ngonothando akuhambisani lokho.

Lengxenye yaKhe yokuba nobulungiswa ngenye yezinto mina nawe asibizela yona ukuba nathi simfuze ngayo siyenze siyiphile .

Mika 6:8Ukutshelile ,muntu ,okuhle ,uJehova ufunani kuwe ,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa ,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?

Manje ubulungiswa sibucabanga njengebizo nje .Kodwa ake silibheke liyisenzo esenziwayo. Uyasibizela ekukwenzeni ,cha kahla hle usifuna  sikwenze ukulunga . Kuchaza ukuthini lokho ?

Eminyakeni embalwa edlule sake saba nesisebenzi okwakunzima  kuso . Sasingahloniphi  lesisebenzi ,singanandaba nomunye umuntu ,lokho okwakuvese kungithele ngezibonkolo mina . Kodwa njenge-team ,sakusebenza ukumlekelela aqondise lesimilo sakhe  ,sakwenza sikunye naye lokho ,simluleka ,simkhuthaza ,simyala  la okwakudingekile khona ….ngenhloso yokunika lendoda lonke ithuba ukuba iqale kabusha impilo yayo nenkambo yayo . 

Ekugcineni wehluleka noma sesimzame kangaka ,okwagcina ngokuthi ngimxoshe . Uyabona ukulunga /ubulungiswa akusikhona phela ukwenza izinto  zithambe ulokhu uphahla  phahleka ngodaka noma ubona kuyadilika ,kodwa ubulungiswa bu-fair buqondisa izinto ukuze kuyeke phambili .

uJehova ufunani kuwe ,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..