... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umgijimo Womusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 20:22-24 “Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele. Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu

Listen to the radio broadcast of

Umgijimo Womusa


Download audio file

Usuke wasizwa  nakanjani isisho esithi : mase kuzosa kuba mnyama . Isisho esikhulu,esinamandla lesi .Sinomqondo ophusile . Kodwa imvamisa uma sekuzosa sivamisa  ukuthi dlengelele sisho ukuphonsa phansi ithawula .

Futhi asikucacise imvamisa ukuthi uma sekuzokusa ,siyafikelwa yizilingo eziningi . Kunesizathu salokho . IBhayibheli lisitshela ukuthi uSathane uyabhonga njengebhubesi efuna angamgwinya  (1 EkaPhethru 5:8).

Uyasilinda size sibe makhahlambana la amandla singasenawo  ebese eyasinyonyobela , okuvese uthi ungazelele hloko hloko nangu eseqhamuka ehlathini asho ukusithela phansi ! Ebese lempilo ebisidonsa kanzima igcine isingumuzwa wecala .Manje pho wenze njani kulokho ?

Izenzo 20:22-24 “Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, kuphela ukuba uMoya oNgcwele

uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele.  Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu – yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu 

Umphostoli Phawuli owabhala lokho ,wayengumuntu ovumayo ukuthi wayewenzile amaphutha amaningi kulokho uNkulunkulu ayembizele khona . Kodwa ,cishe ngaphezu kwawo wonke umbhali  oseBhayibhelini ,uPhawuli wayethembe encike emandleni omusa  kaNkulunkulu. Futhi yilowomusa kanye ayebizelwe ukuwushumayela ezweni elaziwayo lakubo , nakuba lokho kwaphetha ngokumbiza impilo yakhe uqobo . 

Sonke sinalokhokukhetha esimelwe ukukwenza . Ukudliwa ngumuzwa wecala kumbe sigijime umgijimo womusa .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..