... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umsebenzi Wami Nowakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:17 Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.

Listen to the radio broadcast of

Umsebenzi Wami Nowakho


Download audio file

Angazi kunjani kuwe kodwa ngibuka konke lokhu okwenzeka emhlabeni  –indlela abantu abaziphethe ngayo nangendlela izinto ezibheke khona –qede  bese ngicabanga ukuthi yeyi lomhlaba uya esihogweni .

Futhi uyabona ukuthi kulula kanjani ukukhohliseka ngalezizoni eziphambi kwethu esizibona  nsuku zasa. Sifuna ukungena emzuluswaneni ophakeme wezenkolo wethu qede sibalahle le kude lababantu ababi , kube sengathi singacela uNkulunkulu avule masinya isihogo sakhe qede abavalele kuso thaqa beshe bangqongqe .

Ngiyazi ukuthi hleze lokho kube ngubuthuntu obuncane bomqondo  . Kodwa akuyona yini indlela leyo kwesinye isikhathi esizizwa ngayo. Futhi nebala amaKhrestu  amaningi , bonke abazibiza ngabafundi bakaJesu baye bafise ukuziqhelisa bame kude le nalezizoni ezinuka phu isono futhi kube sengathi zingaphonswa le kude ezaleni  – lokho sikuzwe kwingaphakathi lethu wena ongafunga ukuthi singcono kunabanye .

Kodwa ngakube yiwona msebenzi wethu lowo? Yilokho uJesu asibizela ukukuphila ? 

NgokukaJohane  3:17 Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.

Ake sithi ukuma umzuzwana sicabange ngalokho . Uma uJesu engezanga ukuzolahla  ngecala izwe ,kanjalo akuwona umsebenzi wethu futhi . Futhi uma uJesu weza ukuzosindisa umhlaba ,nakanjani bekumele kube ngumsebenzi wethu lowo kanye  .

Yebo kulula ukukhalaza ngayo yonke nangawo wonke umuntu !Kodwa nginesiqiniseko esikhulu ukuthi akuyona inhloso yokuthi uNkulunkulu enze inhliziyo yakhe ishaye ,iphefumule usuku nosuku .Umsebenzi wethu akukhona ukulahla izwe ngecala ,owethu ngukuzihlela ukuwusindisa umhlaba.

Nembala akulula lokho kodwa ukholwa nguJesu unamandla avela kuYe ukuba semsebenzini waKhe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.