... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umsebenzi Wezandla ZikaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 19:1-4 Amalanda ayalanda ngenkazimulo kaJehova ,nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zaKhe .Usuku luyalandisa usuku inkulumo,nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi . Akukho ukukhuluma awakho amazwi,lapho izwi lingezwakali khona .Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonke ,namazwi awo emkhawulweni womhlaba. Ulimisele ilanga itende kulo.

Listen to the radio broadcast of

Umsebenzi Wezandla ZikaNkulunkulu


Download audio file

Njengemiphakathi nabantu ngamunye sinesimanga sokukwazi ukuphika lokho okuyikhona ngokwempela . Futhi lomudla wokukwazi ukuzikhohlisa unemiphumela engemihle .

Kuyiminyakanyaka kunobufakazi obusobala ukuthi ukubhema kuyabulala . Kodwa ngokuqhutshwa yilokhu esekusicacele bha namhlanje ukuthi kwabe kungukukhohliswa nokuluthwa yizinkampani zikagwayi ,siliphikile iqiniso . Lokho kuliphika kubulele izigidi zabantu . 

Iqiniso lokuthi ukudla  ngezithako zama chemical kweqa kuyabulala siliphikile kodwa liyasishaya . Kunjalo ukukhuluphala kweqe kuyanda ,wukushawa yisifo senhliziyo  ,woshukela konke kuyenyuka . 

Futhi kusuka ekuqaleni kokuphila bekulokhu kumile ukuthi kunoMdali owadala umhlaba ubekhona ,kodwa kunjalo siliphikile leloqiniso sathi kwaziqhumela kwazenzekela ,silokhu sivika ngehlamvu njengenkawu angithi  ?

Kodwa khona kunjalo ubukhona baKhe nothando lwaKhe  kucace bha okwekhala ebusweni bami ongeke wadukelwa yilo mangiqhamuka:

Amahubo  19:1-4 AmaZulu  ayalanda ngenkazimulo kaJehova ,nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zaKhe .Usuku luyalandisa usuku inkulumo,nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi .

Akukho ukukhuluma awakho amazwi,lapho izwi lingezwakali khona .Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonke ,namazwi awo emkhawulweni womhlaba.

Ulimisele ilanga itende kulo.

Njengoba ngishilo ukuthi kucace bha kumuntu wonke . Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova ,nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zaKhe .

Ngakho ,mawuthanda ungakuphika lokhu okucace bha kukhona ,kodwa uzobe ukwenzela ukuyokhalakatheka  ekulahlekeni  engunaphakadeni lakho   lokuzisola . Kumbe ukuvume lokhu uthokoze  ngakho konke lokhu uNkulunkulu akwenzele khona ,qede ube sephakadeni lakho  lenkazimulo naYe. 

Ngakho khetha ,kodwa ukhethe kahle .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..