... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umuzwa Wokuphuthuma

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 11:7,8 Ukukhanya kumnandi ,yebo kuhle emehlweni ukubona ilanga.Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi,makathokoze ngayo yonke ,akhumbhule nokho nezinsuku zobumnyama ukuthi njengoba ziziningi ,konke okufikayo kuyize .

Listen to the radio broadcast of

Umuzwa Wokuphuthuma


Download audio file

Izinsuku zethu –kulomhlaba –yebo ezakho nezami zibaliwe . Sinesikhathi esikaliwe esimelwe ukusisebenzisa ukuba nemithelela emihle kulabo abasizungezile . 

Kulelisonto  besilokhu sikhuluma ngokusebenzisa zonke iziphiwo nesinakho ukwenza nokuya noma kuphi la uNkulunkulu athi asiye khona . Nakanjani kunenani okumele silikhokhe ukukwenza lokho ,izimo zethu zihlale zinembeke ngodaka zingacaci ukuthi zimbala muni ,kube nokungaqondi ngqindi nasibhekela ukuthi ingempela le nqola engibizelwa kuyo kuliphi izwe . 

Kodwa ake sikhulume uqobo lweqiniso lapha .Isikhathi esisisalele ukwenza  umehluko omuhle ezimpilweni zabantu kulokhukuphila sesincane kunayizolo ngoba isikhathi nesikhathi uma iwashi liqhubeka lithi ci ci ci kuchaza ukuthi siyashoshela ,kuseduze phambili kukude emumva . Futhi nakuba siphila emhlabeni ozigaba-sikhathi sihlukene kathathu kodwa kunesigaba sesine esivamisa ukusilibala .

Umshumayeli  11:7,8 Ukukhanya kumnandi ,yebo kuhle emehlweni ukubona ilanga.Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi,makathokoze ngayo yonke ,akhumbhule nokho nezinsuku zobumnyama ukuthi njengoba ziziningi ,konke okufikayo kuyize .

Uma ukholwa nguJesu  nakanjani uzodla ingunaphakade lakho ebukhoneni baKhe .Zamnandi lezondaba.Siyolidla ingunaphakade sidumisa singaphezi . Kodwa ngakolunye uhlangothi kuchaza ukuthi isikhathi sokuba senze umehluko ezimpilweni zabantu siyobe sesiphelile .

Lokho okuchaza ukuthi kunomuzwa wokuphuthuma . Yebo kuhle ukuzwa imisipha isathwishika negazi lisagijima emzimbeni sisathokozela ukukhanya kwelanga . Kodwa masibe futhi semsebenzini weNkosi zindlela zonke esingenza ngazo ngoba  isikhathi sokuwenza sikaliwe ,masisha sizodlula . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy