... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Unganyamalali Kulomgodi Kanogwaja

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuThithu 3:7-9 Ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba. Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu; kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.

Listen to the radio broadcast of

Unganyamalali Kulomgodi Kanogwaja


Download audio file

Kulula kulezinsuku ukuhuheka ezimpikiswaneni ezingenamqondo . Konke kulula kakhulu .Futhi esikhundleni sokulandela uJesu,namehlo engakaboni ,uphaphama usuthe shi emgodini kanogwaja ,usugcwele  imfundiso thizeni yepolitiki .

Uma umkholwa UJesu ,ukusopha ukumlandela usuku ngalunye , izwe alizukukujabulela . Futhi okungakho abalandeli bakaJesu bezwa isidingo sokumphendulela nokuvikela ukholo lwabo .

Lokhukuzivikela kuvela imvamisa kwizimpikiswano ngezinkolelo zepolitiki, U-Philp Yancey ubeka  kanje :

U-C.S. Lewis wakuqaphela ukuthi wonke amacala  obuKhrestu avela ngesikhathi kudidaniswa inkolo nepolitiki. Ipolitiki imvamisa ebusa ngemithetho yokungabi namusa , esihuhela ukudayisa ngomusa ngenhloso yokuzuza amandla , yisilingo lesi iBandla elihlulekile ukumelana naso .

Futhi uNkulunkulu ukubeka kanjena :

KuThithu  3:7-9Ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba. 

Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;  kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.

Ngakho ngokukaNkulunkulu , izimpikiswane ezingubuwula azisizi azinamsebenzi. Uyayibamba ? Esikhundleni salokho sebenzisa impilo yakho ukwenza okuhle . Indaba ayingawo amandla .Ayingakho ukuwina .Ingomusa .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..