... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungayi Ngekhanda Ebubini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 14:17 Isififane siyenza ubuwula ,kepha umuntu wamasu unokuthula .

Listen to the radio broadcast of

Ungayi Ngekhanda Ebubini


Download audio file

Kwesinye isikhathi senza izinto ezingubuwula ngomzuzwana omncane nje .Kade izinto zihamba zihleleke kahle ,dukuduku sokanakele njalo ! Kube khona into esikhipha egiyeni ,yithi labaya sesigijimela ekwenzeni okubi .

Kubalekisa amandla enkolelo kwesinye isikhathi ,ukuthi kade yonke  into ihamba kahle ebese nje qhuuh ngento eyodwa nansi inqola isiyoshona esihosheni amasolokohlo . Kube khona into esicunulile .Kube khona into eyodwa nje evese yathela usawoti esilondeni sethu ,mhlampe ebesesiqala ukuphola ,emva kwalokho kube wuza-luzile umshawushile ongalawuleki wokufutheka .

Izaga  14:17 Isififane siyenza ubuwula ,kepha umuntu wamasu unokuthula .

Manje ,kulesisaga iNkosi uSolomoni ikhuluma ngohlobo olubili lobubi . Uhlobo lobubi olwenzeka ngokuphazima kweso ,ebese akhulume ngohlobo olulokhu lubila kithi ngaphakathi ngesikhathi sisazipha isikhathi sihlela indlela esizoziphindiselela ngayo. Sizobuye sikhulume ngaleyo yesibili ,okwamanje ake sikhulume ngale yokuqala .

Isififane[onenhliziyo echukuluzeka masisha] siyenza ubuwula .Ngimelwe ukwethembeka la .Nami nginenhliziyo esheshayo ukuchukuluzeka .Ngenza yonke into ngokushesha .Ngihamba ngisheshe .Ngicabanga ngokushesha. Ngidinwa ngokushesha .Ngiyashesha ukuphendula . Ngingulowomuntu ngokwemvelo yami .Mhlampe wena awunjalo .Mhlawumbe uyaphuza ukucabanga uphendule kanjani esimweni esikuchukuluzayo ,kodwa okusalayo nakuwe lenhlese yokucinana isuke ikhona .

Yiziphi izinto ezivese zikugovuze ?Izinto ezikwenza uzizwe usuhanjwa makhizane ke manje umzimba wonke ?  Futhi kukusebenzele kahle kanjani lokho phambilini ? Buhle buni obukulethile kwezobudlelwane nabanye abantu kunye nesithunzi sakho ?

Ukucinana ngokushesha kusenza senze izinto eziphumile esandleni .

Zibone lezizinto ezikuchukuluzayo .Qala manje impilo uyihlele ngokuhlukile .Ume ukuchukuluzwa yizo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..