... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungayigomosheli Inkululeko Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseGalathiya 5:1 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Listen to the radio broadcast of

Ungayigomosheli Inkululeko Yakho


Download audio file

Inkululeleko ngelinye lamagama elibukeka ligcwele “ukuvelela” . Ngamanye amazwi ngumqondo sonke esifuna ukuzisondeza kuwona eduze . Kodwa ngumqondo osukhwitshilwe wasontwa wayiswa kwelinye icala ngabantu abafuna okwabo .

Kulesikhathi sesimanje  indaba yenkambo enhle enobuqotho evela kuNkulunkulu ogcwele uthando lonke namandla onke ,umqondo nje wokuthi kunento ebizwa ngukuthi ‘yisono’  …angisho ukuthi kwabanye abantu yihlaya uqobo lelo ,bahleka baze baqhethuke bashayeke ngesiphundu enhlabathini . Izwe libuka lokho qede libone sengathi okholelwa yikho wadunyelwa yizulu kweqa ,zimshiyile impela ekhanda lakhe .

HHayi bo phela angikutshele ukuthi ngisho isibalo esikhulu salabo abazibiza ngeBandla nabo bawubukela phansi lomqondo ngangokuthi uze ube yinto engathi shu kubo khona bethi bayakholwa njalo . 

Kodwa uNkulunkulu uyasithanda sonke ngamunye ,ngangokuthi akasifihleli ukuwela kwethu esonweni uyasitshela ngenxa yothando lwaKhe , nokuthi Yena ungubani nokuthi futhi uJesu weza ukuzosikhulula kuleso sono kanye .Futhi lowomqondo wethu wokudlubulundela sibe zidlabuladlwedlwe ezifuna ukuziyela kwamathanda nhliziyo ,kusibeka esigabeni sokuzikhethela  – kukabili kungaba  ukumumukela uKhrestu kumbe siqhubeke siyokhalakathela eweni lobumpigogo bethu . 

Ngakuthola lokhu kuwukukhetha okunzima ngoba ukujula kwesono sami kwakukhulu. Kodwa njengokuba umfundisi wase Pres u- Dane Ortlund ekubeka kanje , UJesu umi ngakithi esisiza ukulwa nesono sethu , akamelene nathi ngenxa yesono sethu . 

Izindaba ezinhle lezo nebala ! Pho manje kungani sizobuyela siyowela esonweni sethu ? Kungani ,sesamukele umusa nesihe kuNkulunkulu ngoJesu Khrestu , silahle inkululeko yethu qede sibuyele ebubini esasibenzile phambilini ?

KwabaseGalathiya  5:1 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Futhi ngoba uyasithanda kakhulu  uyaqhubeka ekhuluma uthando nomusa waKhe kithi ngeZwi laKhe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy