... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Unomsebenzi Wakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 2:9 Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Unomsebenzi Wakho


Download audio file

Ezinye zezinto abantu abaningi abadonsa kanzima ngazo ngukushodelwa ukuthi inhloso ngabo ithini emhlabeni. Umuzwa wokungathi impilo ayiyindawo .Futhi lokhu kuliqiniso ngisho nakubantu abakholwa nguJesu Khrestu uMsindisi womhlaba. 

Kunesikali sokudonsa kanzima esehlukene sonke ngamunye esiba kuso ngokubona impilo yethu ingenanhloso.Ngingumuntu omehlo athe njo kwiphambili ,ngicacelwe ukuthi uNkulunkulu unobizo olucacile ngempilo yami .Futhi noma kukhona konke lokho engqondweni ,imicabango yokungabaza ingashoshela ifune ukungena nayo.Ngakube ukhona umehluko engiwenzayo kulokhukuphila ? Kungani ingempela ekugcineni lokhu kuphila ? Uyayazi leyombuzo . 

Ebese kuba khona labo abazizwa sengathi bayiyoyo olwandle olunesivunguvungu . Inhloso ? Hhey mina ,ngiwuphonsa kanzima umbalane !

Noma ngabe ukuphi lakhona ukuba nokholo oluqinile kuJesu kwenza ube nenhloso yokuphila ecacile .Kushukumbisa izinyawo zakho ,kufaka upetrol ethankini  lemoto uzizwe unamandla okubheka phambili , amen?!

Uma kungukuthi mhlawumbe shlobo sami  usekungabazeni nawe .Nansi inhloso ngawe :

1 EkaPhethru  2:9 Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.

Angazi ngqo ngqo iziphiwo zakho ezingawe luqobo ,kumbe iminyango uNkulunkulu akuvulele yona . Engikwaziyo ngukuthi uma ukholwa nguJesu Khrestu ungokhethekileyo .Uma umethemba Yena ,ungcwele ,ungomunye wabaphristi bakhe ,omunye wabaxazululi abakhongi baKhe , owakhishwa ebumnyameni qede wazofakwa ekukhanyeni kwakhe ukuze  … ushumayele ubukhosi balowo owakubiza

Ngakho,hamba uyotshela umhlaba .Yiyona nhloso yobukhona bakho leyo .Nakanjani uNkulunkulu unecebo ngempilo yakho ukuthi umemezele ukukhanya kwaKhe kulomhlaba omnyama .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..