... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Akuyona Into Ecezile Kakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 13:9,10 Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.

Listen to the radio broadcast of

Akuyona Into Ecezile Kakhulu


Download audio file

Kulezinsuku kubukeka kungukuthi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi sekuya ngokuya kugqwala  kakhulu.Kahle hle kulula ukubuka into ethile qede ungabi usazi ukuthi inhle …noma yimbi  yini.

Kuliqiniso angithi ? Abantu bafuna ukucima umugqa ohlukanisa okuhle nokubi .Kwakuvamise ukuba ucace bha umugqa ohlukanisile kodwa kulezinsuku ugqwalile uqobo ,uvese ungabe usaqonda nqindi nasibhakela 

Yonke leyomithetho eyisidala ngokwabantu  ,yebo leyo emi ngobuNkulunkulu kwezomthetho  [ikakhulukazi kulawomazwe ayemi ezimpandeni zenkolo yobuJuda-BuKhrestu ]…konke kulaxazwe le ngaphandle kwewindi! Nebala akuyona into entsha leyo .Inkambo enhle ,nobuqotho nezinqubo eziqatha zokuphila  bezihamba zihamba ziphonswe le kude  selokhu lomhlaba waba nezoni ezifana nami nawe .

Kulezinsuku kodwa, hhayi kuhluke lokhu okudida ikhanda .Kubiza ukuba uqaphelisise impela ngochazo lwakho lokuhle nokubi .Kodwa hle hle akuyona neze into edidana ngaleyondlela le .Yiqiniso langempela lelo . 

KwabaseRoma  13:9,10  Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye

umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”  Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.

Yebo,kunemithetho eminye abantu abaye bafune ukuyiguqula kumbe bathi ukuyigudluza kancane iye kwesokhohlo noma kwesokudla  ,kumbe phezulu noma iye phansi .Futhi yebo mina nawe asivumelani nala abantu beyibeka khona ,kwesinye isikhathi sikwenza lokho ngokukuphikisa ngomkhulu umfutho .Kodwa sekwenzekile konke lokho ,kwashiwo okushiwo ,kuyinto elula impela elindeleke kithina: 

“Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”  ngisho nala ungavumelani nabo khona . Lokhu masikwenze ngomfutho wethu wonke . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..