... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Aguqulanayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 1:8 Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

Listen to the radio broadcast of

Amandla Aguqulanayo


Download audio file

Ngakube sewake wazizwa ungongaphelele nofanelwe ukuba ngumlandeli kaJesu Khrestu? Sewake wazizwa ungongafanele nongenamndla okucobelela ukholo lwakho nalowo ongalugqizi qakala ? Yebo nami kuke kwangenza . 

Angikholwa ukhona umuntu oyedwa onhliziyo yakhe uyihlelile ukulandela uJesu ,ukumthanda,ukumlandela ,ongakaze awuzwe lowomuzwa wokungafanelwe ukukhuluma ngobuhle boMsindisi  ,ukumthanda ,ukumlandela  .Yebo njengokuba sike sasho lusuku lumbe ,uJesu wathi :  

NgokukaMarkhu 16:15Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.

Kwakungesisio isiyalo nje lesi kodwa kwakungumyalelo. Njengokuba u- D.L. Moody ekubeka kanje , Izibhalo asinikezelwanga ukuba sithole ulwazi  kuzo kodwa ukuba siguqulwe.

Futhi njengokuba mhlawumbe usazindla ngokucobelela abanye ngoJesu kuleliholidi , yilologuduko engithanda ngikhulume ngawe ngalo.

Ngoba uJesu akazange athumele abafundi endleleni ebajabulisayo ,indlela enomzwangedwa , ukuyotshela izwe elingenandaba ngaye .Cha! Wabathembisa amandla oguquko :

Izenzo  1:8 Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami -eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

Uma kungukuthi inhliziyo ishaya mawala ngothando lukaKhrestu kodwa futhi ngakwelinye uhlangothi ugcwele ubugwala , wokungazi [akesiwabize enjengoba enjalo]… ngakho yazi lokhu . Awuwedwa .UMoya Ongcwele ukunika isibindi ,ukuzwa isimo somuntu ,inhlakanipho ,amazwi namandla ,ukutshela labo abangakezwa ngoJesu ,konke okungaYe. 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.