... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amazulu Avuleka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Matthew 3:16-4:1 UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

Listen to the radio broadcast of

Amazulu Avuleka


Download audio file

Uma sekushuba empilweni ,uma sizithola sisendaweni ebesingazithande ukuba kuyona ,kulula ukufikelwa wumqondo othi ,ndlelana thizeni asikho ecebweni likaNkulunkulu .Emva kwakho konke impumelelo ilingana nezibusiso zikaNkulunkulu ….akunjalo?

Angazi noma sewake wabhabhathiswa ,kodwa mina  okwami ukubhabhathiswa kwabe kuyinto eyabe icacile isobala.Ungangizwa kabi ,kwabe kuyisigaba esikhethekile kakhulu kimina  kodwa kwabe …kuyinto ejwayelekile nje .Bese kuthi ngakolunye uhlangothi ngesikhathi uJesu ebhabhathiswa sitshelwa ukuthi …..

NgokukaMathewu  3:16,17 … UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami

ethandekayo engithokozile ngayo.”

Kuyinto engakholakali ! Uma kungathiwa kwabe kuyimina ngangovese ngithi , “Nazo-ke ! Sengisondele ngesivinini ,ukungena empumelelweni yoMbuso kaNkulunkulu” .

Kodwa okwenzeka eduze kukaJesu kuyangimangaza kakhulu ,ake ulalele indlela uMarkhu akubeka ngayo :

NgokukaMathewu  4:1 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

Kahle hle kubekeka kangcono kwathi ukuthamba lana, kodwa ngokomsuka walenkulumo olimini lwesiGrekhi  njengokuba kwakubhalwe ngalo ,lona luthi uMoya kaNkulunkulu wamhambisa wamphonsa ehlane.Ngakho ukusuka kulombhabhathiso lakhona uNkulunkulu eziveza…aphindwe ahanjiswe aphonswe ehlane yiloNkulunkulu ofanayo ,ukuba ayolamba ,abe yedwa abe buthathaka ,abe ntekenteke,alingwe nguSathane .Kuyimpicabadala enkulu le.Akuyona into obungayilindela le.

Kodwa uthola ukuthi yikhona kanye uNkulunkulu akwenza ngeNdodana yaKhe ,into le okumele uyigcine engqondweni yakho ezikhathini lakhona uyobe uhamba ezikhisini ezimaholoholo ezihlabayo.

Izinhlelo zikaNkulunkulu azihlali zimnandi zintofontofo ,kodwa zi-perfect .

Izindlela nemicabango yethu ayifani nekaNkulunkulu ,inokwehla nokwenyuka ,injalo, kodwa ihlale igcwele ukumangazana ekugcineni. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge