... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthemba Ungaphelimandla

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 13:7 Uthando lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthemba Ungaphelimandla


Download audio file

Ngakube sewake wanomuntu empilweni yakho ,mhlawumbe ilunga lomndeni kumbe uzalo lwakini ,kumbe umuntu esenibe ngabangani isikhathi eside … futhi ebese uvese esigabeni lakhona uthi sekwanele kwanele manje ? 

Ngicabanga sonke sike saba nabantu abanjalo . Lelolunga lomndeni elivese libhimbise izinto .Uze ufunge uthi akusophinde ahlanganyele nathi ngoKhisimusi siwumndeni . Kumbe lowo wesifazane esenibe ngabangani iminyaka kodwa manje obonayo ukuthi usengomunye umuntu futhi usuwanele nguye manje .Ngakho mhlawumpe kwisigaba thizeni uyamsusa empilweni yakho ,mhlawumbe neyakhe engaboni kwakubona . Akusafanele phela konke lokhu ,sewanele manje !

Sifika kanjani kulesosigaba ? Kuba yini esibeka ekuhambeni kamnandi kobudlelwane ebese dukuduku sekumele siyobuhholokohlela kude le njengomlotha siwuqhelisa ukuphuquka egcekeni ? 

Mhlawumbe lokho kuzwakala kungabukhali ngokwanele kuwe . Mhlawumbe  kukufaka izinsensane emzimbeni.Kodwa mhlawumbe kungenzeka nalezinsensane ezikuvukelayo zidinga unako nazo ngokwazo  namhlanje .

Ngakho uma kungukuthi unohlobo olunjalo lobudlelwane empilweni yakho ,nasi isiBhalo okungase kwenzeke singesesikhathi kuwe namhlanje ,:

1 KwabaseKhorinte  13:7 Uthando lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke..

Akulona yini iqiniso ukuthi mina nawe sesibe yizingxaki ngaphezu kwenani esiyilo  ezimpilweni zabasizungezile ? Akulona yini iqiniso ukuthi sesihambe ebuhhedlehhedleni  ezimpilweni zethu ,lakhona singabanga ngabamnandi kwabasizungezile ? 

Nokho noma kunjalo kodwa lababantu abanye bayasibekezelela baphile nathi khona kunjalo.

Uthando lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke…

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly