... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Boleka Ngokungenambuyiselo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.

Listen to the radio broadcast of

Boleka Ngokungenambuyiselo


Download audio file

Kulezinsuku nesikhathi esiphila kuso ,okulindelekile ngukuthi mawufaka utshalomali nakanjani uzovuna izindodla .Phela yikhona kanye lokho okwenza umjikelezo womnotho ulokhu uqhubekile ungami .Uma ngikuboleka imali usuyongibuyisela ngokwesamba semboleko kunye nenzalo yaso.Inqubo isho njalo nje .

Futhi uma kuziwa kwezomnotho ,cha leyonqubo ayiyona inkinga .Kodwa sithini mase kuziwa ngezimpilo zethu ngamunye ? Uma unika umuntu utho ake sithi umnika isandla emsebenzini  ukumnika isupport  kumbe  ukumsiza noma ngontoni na .Yikuphi okulindele sekuyimbuyiselo kuwe ? 

Kuhlale kunento esiyilindele ,ngoba empilweni uma sinika utho silindele lubuye nenkonyane kithina .Jesu ake ungene nalomcabango woguquko olunamandla olunqoba indlela yokucabanga kwethu:

NgokukaLukha 6:35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.

Ngokokungathi ukuthanda izitha zakho nokwenza okuhle kuzo akukuhle ngokwanele , uJesu uyadlula angene ekubeni uyakusola akwehlise ukulindela kwethu inkonyane masithumele inkomazi – lokho kungumgogodla endabeni yezimali kunye nangokuphila kwethu luqobo . 

Bolekisa  ngokungabheke nzuzo –azimnandi ke lezi ndaba .Kodwa ezimnandi zona zithini?  Uma nikwenza lokhu –nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke

Yeka ubuhle okuba yibona uma senza i-investment empilweni yomunye umuntu sikwenze sithule , singalindele lutho oluzobuya kubona , esigcina sithola ukuthi uNkulunkulu unesibusiso esikhulu esisilindile eduze nje nomnyango masiphuma ?

Uma nikwenza lokhu niyakuba nomvuzo wenu uyakuba mkhulu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly