Enyathela Kancane Ngesikhathi Ehamba
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 37:1-4 Ungazikhathazi ngababi,ungabi namhawu ngabenza okungalunguile.Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani babune njengemithana eluhlaza . Themba kuJehova wenze okulungileyo ,hlala ezweni uzondle ngokukholeka ;zithokozise ngoJehova yikhona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho .
Dukuduku sekwenzeka lokhu kwenzeka lokhuya ,izinto esizilangazelelayo nezinto ebesingazithandi zenzeke qede siphendule ndlela thize kuzo .Okuthi uma siphendula kuzo ,impilo ivese igingqike ngelinye isondo .
Akekho othanda ukugibela esondweni elilokhu liginqikela naye nhlazonke ,kungubugudlududlu kunjeya emajikeni ,ubuhhadlahhadla balelosondo iningi labo lisekutheni siphendula kanjani ezintweni .
Ake sithathe nje into evese isbangele ukushisa ,abantu ababi ubabone besimama bechuma bephumelela ;abantu baphile kahle kodwa bebe benegazi ezandleni zabo ,kodwa thina esithi sizama ukwenza okuhle kucace sidonsa kanzima kakhulu isindandanda imoto engahambi ngiyakuthsela wena . Lokho kungavusa umuzwa wenhliziyo kanzima kimi nawe .Ngakho nansi inhlakanipho enamandla kaNkulunkulu ,ukusiza ukupholisha lawomahhudluhhudlu okuphendula kwethu :
Ihubo 37:1-4 Ungazikhathazi ngababi,ungabi namhawu ngabenza okungalunguile.Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani babune njengemithana eluhlaza .
Themba kuJehova wenze okulungileyo ,hlala ezweni uzondle ngokukholeka ;zithokozise ngoJehova yikhona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho .
Yikuphi uNkulunkulu asibizela ukukwenza ekuphenduleni kulabo abantu ababi? Ngukumethemba nokuhlabela phambili senza okuhle .Ukuphila ebaleni asiklamele lona futhi sizinze kulo ,sincike kuye singaba hleli ngokumile entandweni yakhe –ukwenze lokho ngenhliziyo enhle futhi nebala uyokunika okufiswa yinhliziyo yakho .
Yima ukuphendula kokubi ngokukhonona ,Ncika kuye .Yenza okuhle .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.