... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ezikhathini Lakhona Engabonakali uNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jobe 23:8-11 Kodwa bheka ngiya eMpumalanga ,kepha akakho nasentshonalanga ,kepha angimboni. Nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe ,kepha akabonwa;ujikela ngaseNingizimu kepha akabonakali.Unyawu lwami lunamathele ezinyaweni zakhe ,ngigcinile indlela yakhe,angiphambukanga .

Listen to the radio broadcast of

Ezikhathini Lakhona Engabonakali uNkulunkulu


Download audio file

Sonke sinezinsuku lakhona okungathi uNkulunkulu ulahlekile ezimpilweni zethu. Ngokwengqondo ungakusho ukuthi impela akasoze akulahla akasoze akudele .Kodwa mase kunje ukuphi ingempela ?  Kungani ngizizwa kuheleza umoya ngingedwa qhwaba emhlabeni?

Kungazwakala kungakholakali ukukuzwa lokhu kumfundisi webhayibheli ekutshela ukuthi ,naye kuyamenza .Ngeke bo phela wena nceku yeNkosi uzwakala uhamba eduze  noNkulunkulu .

Kodwa angikutshele ngokungananazi ukuthi nakimi kuyenzeka ngibe nezikhathi ezingifikelayo kube sengathi uNkulunkulu udukile akekho la ngikhona . Ngumuzwa sonke  oshlaselayo lo ezigabeni ezithile zempilo .Nakanjani loNkulunkulu ukhona sihlobo sami akalokothi alahleke .Yisethembiso saKhe  leso . 

Kodwa ngokomuzwa wethu wokwengwanywa yizimo siye sizwe sengathi usethe ukuthatha igxathi wakude kumbe wanyamalala, wasishiya nomuzwa wokuzizwa sisodwa engekho eduze kwethu.UJobe kwiThestamente Elidala wahlushwa kakhulu ,zamnetha izinduku zalokhu kuphila.Izinhlungu nencithakalo kwaba zindunduma phezu kwempilo yakhe . Futhi kukulezozikhathi ezinzima esizizwa sinomzwangedwa kungathi sishiyiwe.Nansi indlela uJobe abeka ngayo :

Jobe 23:8-11 Kodwa bheka ngiya eMpumalanga ,kepha akakho nasentshonalanga ,kepha angimboni.

Nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe ,kepha  akabonwa;ujikela ngaseNingizimu kepha akabonakali.Unyawu lwami lunamathele ezinyaweni zakhe ,ngigcinile indlela yakhe,angiphambukanga .

Kungani uNkulunkulu eqhela izikhathi nezikhathi sizizwe esishiyile ? Ukusivivinya ukuze aqinisekise sihlanzekile ngokuphelele njengegolide . Ungalokothi ume ukumlandela ,ngisho ungamuzwa eseduze kuwe ,angikuqinisekise ukuthi nakanjani usemva kwakho  eduzane . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.