... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Hamba I-mayela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 4:15 Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.

Listen to the radio broadcast of

Hamba I-mayela


Download audio file

Ngicabanga ngokungabazi ukuthi sewake wasizwa lesosisho esithi ukukwazi ukumqonda umuntu udinga ukungena ezicathulweni zakhe uhambe ngazo ibanga elide eliyi mayela okungenani ngazo.Ngamanye amazwi zibeke kwi-position lomuntu akuyona ukuze ubone izinto ngendlela azibona ngayo yena. 

Izolo  sikhulume ngokuthi sishesha kanjani ukuhlulela abanye abantu ngokubukeka kwabo ,abakushoyo nangabakwenzayo .Igxathi lokuqala ukumazi omunye umuntu ngukuqhelisa ukwahlulela .Okwesibili ngukukwazi ukungena ezicathulweni zabo ukuthi ukuhamba noma imayela ,uzwe abakuzwayo.

Okuthi uma ukucabanga kahle ,yilokho kanye uJesu akwenzela abantu abanjengami nawe . 

KuMaHebheru  4:15 Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.

Manje ,ngenhlonipho yengempela ,uNkulunkulu ubevele esazi ;ukuthi sinomuzwa ngendlela esiba nomuzwa ngayo  kwesikuzwayo;ngani siziphatha ngendlela esenza ngayo.Ngoba uNkulunkulu unguNkulunkulu futhi wazi konke esikhathini sonke .Nokho ekubeni ngumuntu ,uJesu wakhetha ukuhamba imayela egqoke izicathulo zethu . 

Ngakho uNkulunkulu akukhona ukuthi uyazi ukuthi kunjani ukuba ngabantu kithi ngoba nakhu enguNkulunkulu kuphela kodwa yingoba waba ngumuntu njengathi futhi.

Asazi konke zikhathi zonke njengokuba Yena azi,kodwa singakukhetha ukubuka izinto ngeso lomunye umuntu ,sikwazi ukuqonda izilingo ababhekana nazo,futhi sizothe ekumukeleni izimo abahamba kuzo . 

Futhi lokho kwenzani? Kusivulela umnyango ukuqonda uluntu abayilo ukuze sikwazi ukuqonda imizabalazo yokuphila ababhekene nayo;ukuze sizwelane nabo .

Yeka amandla esibonelo uJesu asinika sona ngokuphila nalabo esiseduzse nabo. Hamba imayela ngezicathulo zabo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy