I-Pencil Case
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Numeri 6:22-26 UJehova wakhuluma kuMose wathi : “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe uthi: ‘Niyakubusisa kanje abantwana bakwa Israel ,niyakusho kubo nithi : “ ‘uJehova makakubusise akulondoloze ;uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho ;abe nomusa kuwe .UJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,akuphe ukuthula’”.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/ZUF-2833.png)
Sonke sinezinto esinazo ,ezikhethekile enhliziyweni yethu ,ziyigugu .Ngakho siyaqiniseka sizinakekela kahle
Ngisafunda ngake ngaphiwa isipho esikhethekile sesikhwama samapeni ,ngakho ngasiphatha kahle ngasinakakela .Inhliziyo yayigida ngilokhu ngisibuka ngithi woow esami ngempela,ngiyaphupha ngilele ,wothi ngizincinze !
Kwakune card lokubhala igama lami kuso ngakho ngabe sengilibhala .Angikutshele ukuthi kuze kube namhlanje angikaze ngibhale igama ngobuyoninco njengalelanga ngilibhala kulelo card .
Ukubhala igama kulo yikho futhi okwasenza lesikhwama seba ngesekhethelo kimi ngokudlulele ,ziyamangaza lezizinto masesizikhumbula sesibadala .
Izolo sithole ukuthi izinhloso uNkulunkulu anazo ngathi zinhle zinhle kakhulu . Kodwa kukhona utho olunye futhi lapho olumqoka .Nakhu la kukhona :
Numeri 6:22-26 UJehova wakhuluma kuMose wathi : “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe uthi: ‘Niyakubusisa kanje abantwana bakwa Israel ,niyakusho kubo nithi : “ ‘uJehova makakubusise akulondoloze ;uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho ;abe nomusa kuwe .UJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,akuphe ukuthula’”. “Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa Israel mina ngibabusise”
Ukuqaphelile lokhu okusekugcineni ? UNkulunkulu uyakubeka igama lakhe kubo ,kithi kanye .Yingakho aMaKhrestu ebizwa ngokuthi angaMaKhrestu –ebizwa ngoKhrestu uqobo lwakhe .
Futhi lokho sihlobo kukwenza ube ngokhethekile kuye ngesikhathi ebona impilo yakho ihlabela phambili phambi kwamehlo akhe .Uma uNkulunkulu ebeke igama lakhe kuwe uyakukubusisa .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.