... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iba Nohlelo Lwekusasa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 2:10-12 Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho,ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.Amasu ayakukulinda ukuqonda kukugcine .Ukuze wophulwe endleleni yobubi.Nakubantu abakhuluma okuphambeneyo.

Listen to the radio broadcast of

Iba Nohlelo Lwekusasa


Download audio file

Themba kuNkulunkulu .Sonke siyazi ukuthi simelwe ukumethemba. Uma kungukuthi usuke walivula iBhayibheli lakho ,uzomuzwa uNkulunkulu ekusho ekuphindelela lokho .Themba kimi.Yebo kodwa ukumethemba akumele kube ngukuzixolela kobudlabha wenze noma ikanjani. 

Kuleminyaka eminingi ngisemsebenzini weNkosi sengibe sezikhaleni zokuqasha abazosebenza kunye nathi kuma post ngama post omsebenzi weNkosi . Abanye babo babe ngabantu abancomekayo ngokokuzikhandla kwabo ,kodwa abanye bekungovilavoco abazolovela emsebenzini weNkosi. “Awu phela sikwiministry thina la shame ,ngakho akudingi ngizikhandle ,ngoba kunothando la” 

Ngakho ,kuyo yonke leminyaka sengisungule inkulumo encane kuzo zonke izisebenzi zeNkosi enginazo . Ngiyabatshela ukuthi ngikulindele ukuthi bazowenza amaphutha .Sonke siyawenza .Kulungile lokho.Kodwa simelwe ukuvuka sizithathe ,angabikho osola omunye nozisola yena kunalokho akafunde kwakwenzile qede siqhubeke nomsebenzi senze kangcono. Kodwa …kunezinto ezintathu engingeke ngizibekezelele – umoya wokuziphatha omubi ,ukungathembeki  nobuvila 

Manje ,phela ubuvila buyinto ejwayelekile emakholweni ,umuntu umuzwe ethi :  “Ngiyethemba uNkulunkulu uzobona wenze njani ,ngakho ngingashiyela kuYe konke , Angidinge kuhlela izinto kusenesikhathi ,ngumsebenzi waKhe lowo?”  Cha hhayi akunjalo ngalelozinga . 

Izaga  2:10-12 Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho,ukwazi kube mnandi emphefumulweni  wakho.Amasu ayakukulinda ukuqonda kukugcine .Ukuze wophulwe endleleni yobubi.Nakubantu abakhuluma okuphambeneyo.

Uma uphila impilo ngokukhuthala nokuhleleka oku-smart,uzozuza inhlakanipho. Uzofunda izinto ,futhi lokho kuzokunika intokozo. Kodwa ake ubuke lokhu okulandelayo: Amasu ayakukulinda ukuqonda kukugcine,elinye lesiNgisi  ihumusho lithi : “ukuhleleka kusenesikhathi kuzokuvikela” 

Ngakho uNkulunkulu ,usilindele ukuba singaphansi kwaKhe ,sibe nohlelo necebo lekusasa. Ngani ? Ngoba inhlakanipho ,ukuqonda ,nokuhlela kuzosigcina singaweli ekulandeleni indlela okungesiyona . Kuyakusigcina kulabo abanezinhlelo ezimbi .

Ngakho Sihlobo sami ….ungabi yivila .Hlela kusekude izinto  zakho.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.