... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ikhambi Elikhulu Elivela Phezulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 6:5-7 Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.

Inkanuko ,akulona igama esilisebenzisayo kwinkulumo yesimanje .Kungani? Ngokuba iyigama lokwahlulelana .Liletha ngamandla ukuthi ezinye izintshisekelo zethu zimbi  ngokokusho okucacile .Inkanuko .Yigama elihlabayo lelo. 

Besilokhu kulezinsuku sikhuluma ngokubulala isono esisigwamanda sisiphuce impilo echichimayo ,uJesu azela ukuzosinika yona . 

Ngiyazi ukuthi lokho singakuphikisana  liphuma lize lishona ,kodwa nje ngamandla kaKhrestu esiphambanweni angakukhulula ngokwesimo semveloluntu yethu yakudala esho ukuqeda ngathi .Ngakho ake siyichaye icace lendaba yalamandla angacimekiyo  :

KwabaseRoma  6:5-7Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, 

 sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.

Yeka isethembiso esinamandla esingaka sokuthi kuKhrestu ekulawulweni yisono ezimpilweni zethu .Kodwa manje sikubamaba kanjani lokho?  Lokho kuba yinto ephilayo kanjani ezimpilweni zethu ? Kuba ngokoqobo kanjani lokho ezimpilweni zethu ?  Nanka futhi amazwi ka – John Owen ngokwencwadi yakhe yaseminyakeni yako 1700 engokuqeda uphoxe isono emandleni aso  : 

Lwenze lume ukholo  lwakho  emsebenzini kaKhrestu  ekubulaleni isono sakho .Igazi laKhe yilona khambi kuphela ukwelapha umphefumulo oguliswa yisono .Phila kulokhu futhi uyofa ungumnqobi ;yebo ngokwamandla owaphiwa nguNkulunkulu ,uzophila ubone inkanuko yakho ishayeke yamavikithi yawela phansi ezinyaweni zakho ubuka 

Ilapho kanye impela .Ikhambi likaNkulunkulu elinamandla esonweni sethu .Ukholo lwethu egazini likaKhrestu lishaya liphohloze isono sethu qede sisibone sithe vikithi silele phansi ezinyaweni zethu . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..