... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ikusasa Likulindele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:21 Oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

Listen to the radio broadcast of

Ikusasa Likulindele


Download audio file

Ngingeza kuwe ngokwethembeka okunzima namhlanje ? Angicabangi ukuthi labo bethu abazibiza ngegama likaJesu –AmaKhrestu  – ukuthi bayazipha isikhathi esisondele kwesiningi besekukhazimuleni  kwezindaba ezinhle zikaJesu . 

Ngikhumbula omunye uthisha e- Bible college u – Ian Pennicook – kwakuthi uma ekhuluma ngesiphambano sikaJesu wayeye  ahlasimule ngoba isiphambano sasimkhumbuza amandla ento esayenza empilweni yakhe . 

Ngolunye usuku ngiyamkhumbula ehlwasimula egcwele izinyembezi:

 “ Ngiyaxolisa ngizizwa ngihluleka ukuvese ngikhulume nje ngesiphambano . simelwe ukukhazimula esiphambanweni” Lesositatimende ngokomgqumo asisho ngawo sahlala kimi kuze kube yinamhlanje .Kuzo zonke izikhisi ,amagquma namathafa amandla esiphambano ahlale egcwalisa izinsuku zami kwesinye isikhathi ezisuke zinduvunduvu . 

Kodwa hhayi lokho kuphela .Ngenxa yalokhu uJesu akwenzele mina nawe ,nanoma ubani omunye angakholwa nguye qede aphenduke ezonweni zakhe –aphenduke kulokho akwaziyo kubi – inkazimulo iyovese itheleke ezimpilweni zethu kuze kube yingunaphakade lonke . 

KwabaseFiliphu  3:21 Oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

Konke lokho uKhrestu akuzuza esiphambanweni kuyoba ngokwethu ngenxa yamandla aKhe ,ingunaphakade lonke. 

Angikwazi ukuphi namhlanje ,mhlawumbe olwanamahlanje usuku lungolunye lwalezozinsuku ongaqondi nqindi nasibhakela ,kumbe uzizwa uswabukile kungenjalo uzizwa usemajukujukwini omhlaba uphelelwe yithemba- kodwa noma ngabe luhlobo luni losuku obhekene nalo ,khumbula isiPhambano .Khazimula kuso .Futhi yazi ukuthi inkazimulo yaso iyokuba ngeyakho ingunaphakade.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.