... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imicabango Emibi Imosha Izimpilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphi 4:8,9 Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Listen to the radio broadcast of

Imicabango Emibi Imosha Izimpilo


Download audio file

Kunezikhathi ezimpilweni zethu lakhona imicabango emnyama ivukuza ingaphakathi lethu , lakhona inkolelo yokuthi impilo ibolile futhi ayisakuphinde ilunge ,kusuke sekusengamile lokho .

Lokho kuzwakala kungumfaniselo ,kodwa kuliqiniso angithi ? Kube nezikhathi lakhona empilweni yami neyakho ,ukungabaza nokungabi nathemba kusihlasela njengefu elimnyama kusithi mbo .Lombhalo ongaziwa umbhali wawo uyichaza kangcono lendaba :

Ubumuncu benhliziyo buyinkolelo yokuthi uNkulunkulu waphunduleka . Ukukhathazeka yinkolelo yokuthi uNkulunkulou ngeke akwazi ukukulungisa . Ukuzisola uphonse ithawula kuyinkolelo yokuthi ngeke asakwazi uNkulunkulu ukuqala indaba yami ayibumbe kahle ibe yinhle ,umuzwa wokuthi sengohlala nginje . Ukuziswa uyisisulu ngumuzwa wokuthi ngeke ngikwazi ukugubha ngithokoze ngempilo ngikhona khona kanye la ngikhona kuze kube ngukuthi ngiyasuka ngiya kwenye impilo entsha .

Mhlawumbe kungenzeka lezinhlamvu zenkulumo ezinye zazo zinkeneza iqiniso kuwe namhlanje shlobo sami . Manje pho ithini impendulo.Kubhala umphostoli uPhawuli  esotweni lwejele elimnyama ,athi :

KwabaseFiliphi  4:8,9Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke

okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Esisebenzisa isikhathi sethu sicabanga ngakho ,hle hle kusolawulweni lwethu . Singetha ngisho sisembhedeni wokufa omnyama ,izinto ezingukuthula ,ezihloniphekayo ,ezineqholo elihle ,ezithandekayo .Ebese khona sibe namandla okwenza ngokwalezozinto esizicabangayo .

Futhi uma sikwenza lokho ,nasi isethembiso  – uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..