... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impakamo Encane Nje

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 5:6,7 Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na? Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.

Listen to the radio broadcast of

Impakamo Encane Nje


Download audio file

Uyawazi lomuzwa wokufuna abantu bathi ukucabanga kangcono ngawe ? Ulangazelelo lokubonakala ukuthi ungubani nakho  konke okwenzile ? Lokho kukhomba ukuthi khona lapho kanye usuqalile ukugibela etsheni eliyintshelelezi emanzi elizokuthi shwi bhalakanxa ube ngamadixadixa mawuqhubeka nalo  . 

Angicabangi ukuthi kukhona into ebizwa ngokuthi impakamo encane. Impakamo inendlela yayo ,yokukhula ngamandla .Ngakho andukuba iqhumbuke , lololangazelelo lokufuna ukubonakala lokufuna ukugqama lungakhula lube yintshisekelo ekusanganisa ikhanda ; umuzwa wokuzizwa sifanelwe yishashalazi ongasidla usiqede .

Qha sihlobo sami .Angikholwa ukuthi kunento ebizwa ngempakamo encane .

Ibandla lakuqala laseKhorinte laligcwele ingxokozelo nokuzazi nempakamo  .Ngakho uPhawuli walibhalela incwadi eqinile . Nakhu akusho ngaleyompakamo encane ababenayo eyayisiqalile .

1 KwabaseKhorinte  5:6,7Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na? Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo-Isinkwa sePhasika 

Yeka isithombe esinamandla ,akuthathi mvubelo eningi ukubilisa inhlama, ukuba ikhukhumale ,igcwale umoya oshisayo uyibona isiyibhola ebholeni. Iqhuzu  nje elincane lemvubelo elikwazi ukwenza lokho . Ngakho ithini impendulo ? Lahla yonke inhlama endala bese uqala inhlama entsha. Engenamvubelo sanhlobo .

Leyompakamo encane ayinandawo  empilweni yalowomuntu ofuna ukulandela uKhrestu . Lutho sanhlobo .Ilahle kude le .Qala kabusha . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.