... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impilo Ayikaze Ihlose Ukuba Lula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 4:1,2 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

Listen to the radio broadcast of

Impilo Ayikaze Ihlose Ukuba Lula


Download audio file

Temptation has this tendency to sneak up on you without you even being aware that it’s coming. And then, all of a sudden, boom! You fall into sin, all the time wondering, “where the blazes did that come from?!”

Isilingo sinalomkhuba wokupulukutshela sizongena kuwe ,kulowomzuzu awunake kwakunaka ukuthi nasi sesiza. Ungazelele qhuh ,gqimi dinsi nguwe lowaya usuwa iswambithi,fofolozi phansi usuyinhlabathi  ungazi uwe kanjani ?!

Uma kungukuthi kwake kwenzeka lokhu kuwe,kumbe uma kungukuthi kuyenzeka lokhu kuwe ,ngicela ukukutshela ukuthi awuwedwa !Sonke kuyasenza .Ngoba isilingo asilokothi siphonse ithawula.Yisimbelambela ,isitha sakho asilokothi sidele .Lokho kwenzeka ngisho kuJesu :

NgokukaMathewu  4:1,2 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.  Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

Masisha nje emva kokubhabhathiswa kwakhe ,uMoya eqeda kwehla njengejuba ,ngesikhathi amazulu avuleka masisha  qede uNkulunkulu wakhuluma wathi  , “INdodana yami le ethandekayo engithokozile ngayo,” … Masishane uJesu waholeleka ehlane ,wayofakwa kulolotaku ,hle hle nguMoya oNgcwele ulandiso luka Markhu lusitshela lokho, ukuba azile ukudla izinsuku nobusuku obungamashumi amane okwathi ngesikhathi esibuthaka , esikhathini lakhona wabe esentekenteke kakhulu , Walingwa nguSathane .

Uma kungukuthi kwenzeka kuJesu ,yini pho le engasenza sicabange ukuthi ngeke kwenzeke kubantu abanjengami nawe ? Yini le eyenza simangale uma isilingo siziveza isikhophoco sesiphongo saso esimbi?

Alukho usuku lakhona isilingo sokona singayikuza kuwe . Isono sihlale sisemsebenzini ,sisekuheheni sisekugabiseni, sihlale sifuna njalo ukuzalela empilweni yami neyakho shlobo sami . Kungakumangazi lokho uze ubone sengathi awukholwa ,cha phela umkhumbi ohambayo lo ubhekana nezivunguvungu .

Angisho ukuthi noma kunjalo kodwa uNkulunkulu ufuna uphile ngokunqoba zikhona izilingo zinjalo !  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli …