... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ingcaciso Yemizwa Yenhliziyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 9:4-6 “Ongenalwazi makaphambukele lapha”,kongenanqondo kuthi[ukuhlakanipha] :wozani nidle isinkwa sami,niliphuze iwayini engilivubeleyo. Yekani ubuwula niphile ,nihambe ngendlela yokuqonda .

Enye yezinto iningi lethu elingelihle kuyo ,ngukufunda imizwa yenhliziyo yomunye omuntu – andukuba sisho kumbe senze lokhu ebesifuna ukukusho nokukwenza .Kodwa kukhona nenye into futhi esedlulele kuyo . 

Futhi leyonto ngukuqonda isimo semizwa yezinhliziyo zethu kuqala andukuba sisho noma yini esifuna ukuyikhuluma .Mhlawumbe uzizwa uphansi ,ngakho esikhundleni sokubonga omunye umuntu ,uvese umphathise okwento esikhundleni somuntu . Kumbe mhlawumbe udiniwe ,ugcine usho into ungazange wabona sanhlobo kwakhona ukuthi udiniwe ,ngeke usaphinde uwabuyise amagama osuwashilo kulowomuntu. 

Imizwa isengabila okwephalishi  uqobo ,angithi ? Futhi indlela esikwazi ukuyibona  nokuphendula emizweni yethu  neyabanye abantu ,inomphumela onamandla ukuthi sogcina siphila hloboluni lwempilo . 

Yebo ,ngakho namhlanje ;namhlanje kanye inhlakanipho kaNkulunkulu iyamemeza:

Izaga  9:6 “Ongenalwazi makaphambukele lapha”,kongenanqondo kuthi[ukuhlakanipha]  :wozani nidle isinkwa sami,niliphuze iwayini engilivubeleyo.

Yekani ubuwula niphile ,nihambe ngendlela yokuqonda .

Impendulo ukuthola ingcaciso ngemizwa yenhliziyo  ngukudla nokuphuza inhlakanipho kaNkulunkulu .Futhi iZwi laKhe ,iBhayibheli ligcwele phama inhlakanipho kaNkulunkulu .Uhlobo lokuqebuka kuvuleka amasu enhlakanipho ,amandla kaMoya oNgcwele ,yiwo kanye esiwadingayo  ukuwacabanga kuqala  ukuthi sizizwa sinjani enhliziyweni ngaphambi kokuba sivule imilomo yethu senze okuthile . 

Uhlobo lwamasu enhlakanipho esiludingayo ngukuthi lomuntu yena uqhamuka esimweni esinjani ,kwenzekani empilweni yakhe .. Ngakho iZwi lithi  … Yekani ubuwula niphile ,nihambe ngendlela yokuqonda .

Yilokho kanye uNkulunkulu asibizela kukho.Yilokho kanye akubeka etafuleni ukusisiza .. 

Ngoba yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.