... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Into Engathi Shu!

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:4-7 Nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni.Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu; ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi; ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

Listen to the radio broadcast of

Into Engathi Shu!


Download audio file

Ingxenye enkulu echaza ukukhula ,ukukhula ngesikhathi iminyaka ihamba ,ngukwehlisa ukuncika kwabanye [dependency]  ,unyukele ezingeni lokuzimela ngokwakho[ Independency]  .Ngokwengxenye kumele kube kanjalo .Kodwa kukhona ugibe futhi. 

Ngesikhathi izingane zethu seziba ngabadala,kuba yintokozo ukuzibona ziya ngokuya zingasancikile kithi  ngokuningi ngenxa yezinto esisuke sizifundise zona .Ukuncika kuye umuntu.Kuhle lokho. Manje pho luphi ugibe kulokho? Yebo ,angithi kuba yinto ehamba kanje . 

Ekuzikaleni wena ngokwezinto okwazi ukuzenzela ,kulula ukugcina usuncike usuthembe emandleni akho  esikhundleni somusa kaNkulunkulu.Nansi indlela umphostoli Phawuli abeka ngayo: 

KwabaseFiliphu  3:4-7Nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni.Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu;  ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe

sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi;  ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

UPhawuli kwakungenye indoda nebala . Walandela yonke inqubo kaNkulunkulu egcwele ukuzazi yena futhi encike kuye, kokwakhe ukuqonda , wayezitshela ukuthi ibambe ngakho ezintweni zikaNkulunkulu. Kwaze kwaba ngukuthi usehlangene noJesu .Yilapho kanye aqala khona ukubona ukuthi ifagugu  lakhe ,amandla akhe okukwazi ukulandela imithetho ,kwakuyinto engelutho engenanani. 

Unganciki kokwakho ukuqonda –Ncika emseni kaNkulunkulu.

Umusa kaNkulunkulu ungamandla oguquko .Uguqula konke ukuzethemba kwethu sibe sigwegwile .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.