... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inzondo Ayivumelekile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaJohane 4:19,20 Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

Listen to the radio broadcast of

Inzondo Ayivumelekile


Download audio file

Ngesikhathi ngikhula ngangingavumelekile ukusebenzisa igama ‘ukuzonda’.Ngangivunyelwe sanhlobo ukuzonda umuntu .Kwakungumyalo oqinile ongenakweqiwa ekhaya.Ngisho ukuthimisela ngento ethize ukuthi ngiyakuzonda lokhu ,ngikuzondile lokhuya .

Le yinkambiso enhle abazali bami abangikhulisa ngayo ebukeka iyisidala namhlanje ,komabonakude nakwi media ngokuhlukana  kwayo iyadunyiswa inzondo  – ngisho nangendlela abantu abaphila ngayo izimpilo zabo .

Ngingakubuza namhlanje yiziphi lezizinto ozizondayo ? Ngoku-serious. Futhi uma sidepha ,ngibuze ukuthi yimuphi umuntu empilweni yakho omzondayo? Lowo ngumbuzo o-serious ngokudlulele. Isizathu ngibuza yilesi :

1 EkaJohane 4:19,20Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.  Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe,

ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

Kubukeka ekugcineni ukuthi inzondo kwakungesiyo into enqatshwa ngabazali kuphela kodwa noNkulunkulu naYe ushaya phansi ngonyawo akayifuni noma ayibone .Kungani? Yingoba uNkulunkulu uluthando .Yingoba lakhona uNkulunkulu owayenelungelo lonke lokujezisa abanjengami nawe ,ngenxa yokumhlubuka kwethu nangesono,lakhona wayenelungelo lonke ukusizonda,ngoba kuyithi esamzonda kuqala ,kunalokho Yena wathumela iNdodana yaKhe uJesu ukuzosihluphekela asifele  . Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. 

Futhi hle hle akushoyo la ngukuthi asikwazi ukuzibiza ngabantwana baKhe  ngakolunye uhlangothi,sibe sizonda omunye umuntu ngakolunye .Hle hle ukukwenza lokho usitshela ukuthi kungukuzonda Yena uqobo . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to heavy rains that flooded our TV studio, there’s no video for today’s Fresh. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.