... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

IPhasika Ngamafuphi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaJohane 3:5 Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.

Listen to the radio broadcast of

IPhasika Ngamafuphi


Download audio file

IPhasika selisondele kakhulu .futhi ngesikhathi sisakhuluma ngayo lemigubho ,noma ngabe usebenzisa liphi igama ngayo ,mhlampe ngokunganaki ,ngakube lizobe lichazani kuwe? Ngakube kwakhona umqondo liyawakha?

Kimi ,esikhathini eside lalingawakhi umqondo .Ngamafuphi lichazeka kanje : iNdodana kaNkulunkulu ,uJesu ,efa ukusikhokhela izono zethu ,ezami nezakho.Emva kwalokho wavuka ukuze asiphe ukunqoba phezu kokufa nokusipha isipho esingunaphakade samahhala kunoma ubani oyikholwayo lendaba yePhasika.Yilokho qha.

Into eyayivamise ukungikhathaza kakhulu ,yilomqondo ongezwakali kahle …lo wokuthi kwakungani ingempela uNkulunkulu athumele iNdodana yaKhe izobhekana nokuhlupheka ngokufa esiphamabanweni ngenxa yezono zami? Uma kuwukuthi ngonile ngaleyondlela emacakacaka kungani ngingaziyeli kuNkulunkulu ngifike ngithi kuYe: “ Eyy Nkulunkulu sekuvese konakala la kimi,ngiyaxolisa impela” .Nakanjani uNkulunkulu angavese angithethelele .Akuyona into engawakhi umqondo leyo .

Nginomhlobo owake walahlekelwa yi-drivers licence yakhe ngenxa yejubane kweqe .Ngiye ngizibuze ukuthi ukuba mhlawumbe wavese waya ngqo eJajini wathi : “Ey Judge ngiyaxolisa” ,ukuthi ngakube i-judge lalizovese limthethelele.Lokho akusiyona into esingathi ebifanele .

Phela nebala ayifanele ngoba ubulungiswa buhlale njalo budinga inhlawulo ukuze izinto zibuyele esimweni,kungaba yinhlawulo yokulahlekelwa yi-licence yakho ,ukuya ejele  okwesikhathi esithile…kumbe kusengaba ngisho nawukulahlekelwa yimpilo yakho uqobo. 

1 EkaJohane 3:5 Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.

Ngakho esikhundleni sokuba kube yithi esithwala ubuhlungu besijezo esidingwa wubulungiswa bukaNkulunkulu ,uNkulunkulu wasibuka ,qede wanezinseka ngathi  okungakho wathumela iNdodana yaKhe esikhundleni sethu ,ukuze asuse izono zethu ngenhlawulo yayo.

Ubulungiswa bufuna inani lenhlawulo .UJesu walikhokha lelonani ngenxa yami nawe.Yilona Phasika lelo.

Yebo yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge