... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iphutha Elikhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ngokuka Johane 17:3 Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.

Listen to the radio broadcast of

Iphutha Elikhulu


Download audio file

Elinye lamaphutha amakhulu esingawenza ekukholweni nguJesu,ekubizweni ngokuthi  singaMaKhrestu ,ngukuguqula ubudlelwane obakhelwe impilo ende ,yebo ingunaphakade ,qede thina sibenze inkolo; kugcine sekuyinto nje yokulandela umfuma wezinqubo  ezithile .

Singakuqinisekisa ukuthi kunezinqubo noma zibonakala noma zingabonakali ;zikhona kubo bonke ubudlelwane . Kunezinqubo emshadweni ukuthi unkosikazi nendoda baphathane kanjani . Nakanjani kunezinqubo mayelana  nokuthembeka –Angizikhiphi  nomunye wesifazane .Izinto ezinjalo ezisobala . 

Kodwa uma umshado usuphenduke inqwaba yemithetho nezinqubo  ngoba kuyikho okumele ukwenze ,sekuwuhlobo luni lomshado lolo? Uthando selumelwe ukuphoqeka . Ubudlewane….sebuyini ke manje ?

Futhi nebala yikhona nebala lapho khona uhambo lokholo  lwabaningi luphela khona . U-A.W. Tozer uyibeka kanje :

UsoSayensi wesimanje ulahlekelwe nguNkulunkulu ephakathi nakho ukumangazwa ngukwakheka komhlaba kaNkulunkulu ; Thina MaKhrestu sisengozini yokulahlekelwa nguNkulunkulu siphakathi eZwini likaNkulunkulu 

Yingozi enkulu leyo esingayenza  – ukufunda iZwi likaNkulunkulu ngokusengathi yinqwaba yemithetho ethiwe fuh kuwe esikhundleni sokumkhonza ngothando oluvela kuYe.Emkhulekweni waKhe uJesu waseGetsemane ,lowo ovelele ,awukhuleka andukuba aboshwe ;ubeka kanje :

NgokukaJohane  17:3 Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.

Qaphela ukuthi akayichazanga impilo yengunaphakade njengo-kwazi ngoNkulunkulu , kodwa ukwazi uNkulunkulu.Ngamanye amazwi ukuba nobudlelwane noNkulunkulu obujulile kwingaphakathi lethu.Futhi ingunaphakade liqala khona la ,yebo manje impela .

Mazi uNkulunkulu !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..