... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isifundo Esimqoka Kakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 6:7,8 Wayesebabiza abayishumi nambili ,waqala ukubathuma ngababili,wabanika amandla phezu kwawomoya ,abangcolileyo.Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela ,kuphela udondolo lwabo ,bangaphathi nasinkwa,nasikhwama ,nathusi emixhakeni .

Listen to the radio broadcast of

Isifundo Esimqoka Kakhulu


Download audio file

Ngike ngibezwe abantu bethi ,uNkulunkulu akakuceli ukwenza into engaphezu kwamandla akho.Angazi baphila kumuphi umhlaba ,ngoba mina kukaningi uNkulunkulu engicela ukwenza izinto  ezikude neziqhele kimi ngamalengiso …

Ake singathekise okwamanje uzifake esithombeni sokuthi unguJesu .Bese unquma ukukhipha bafundi bakho ophumweni lokuyoshumayela ;uphumo olufishane nje ngenhloso yokuthi benze lokhu okade ubafundisa khona.Isinqumo esihle ke lesi .Ngakho ube usuyaqala ukuhlela le-mission trip…

Manje ngidingani ukuhlela ? Abazokudla ,abazolala khona ,abazokugibela ,oh  bazodinga nemali.Phela angikwazi ukuvese ngibahambise bengenalutho .

Kodwa ake sibuke indlela Yena uJesu uqobo enza ngayo ngqo ngqo:

NgokukaMarkhu 6:7,8 Wayesebabiza abayishumi nambili ,waqala ukubathuma ngababili,wabanika amandla phezu kwawomoya ,abangcolileyo.Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela ,kuphela udondolo lwabo ,bangaphathi nasinkwa,nasikhwama ,nathusi emixhakeni .

Ngempela ? Yini engakwenza wenze lokho? Kusobala.Ngoba into eyabe isemqoka ukufundwa yilabafundi ngukuthi banamandla  okukhipha amademoni.Cha ,akusikho lokho ,kodwa okwabe kusemqoka kuyisifundo la ngukuthemba uJesu .Isifundo esabe sisemqoka la ngukuthi uma uNkulunkulu ekunika umsebenzi okumele uwenze ,nguye oletha izinsiza zokuwenza

Kwesinye isikhathi siye simcabange uNkulunkulu sengathi usebenza njengomphathi wenkampani ,ongumhleli okhaliphile ,mhlampe simbuke njenge CEO ,kumbe i-Consulatant  engumpetha ,kube sengathi kuYe konke lokhu kuhlangene khona .Kodwa lokho kwenza sishwebe ekuqondeni okuyikhona khona ngaYe.

Izindlela zaKhe akuzona izindlela zethu.Imicabango yaKhe akuyona imicabango yethu .

Yebo uyasifaka nathi ezinhlelweni zakhe.Yebo nebala lababafundi babedingeka bakhiliphe endleleni babe nokunquma okuthile .Kodwa into eyabe isemqoka kakhulu kwakuwukuba bafunde ukumethemba uJesu .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge