... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isilingo Sesibili

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 4:5-7 Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”

Listen to the radio broadcast of

Isilingo Sesibili


Download audio file

Sewake walingwa ngokufaka uNkulunkulu esivivinyweni? Ubone ukuthi hhayi ngeke ligaya ngomunye umhlathi uhamba emahhudluhhudlwini bese uvese uphonse kuye ungakuluqedi uhambo lokuqiniswa kwakho. “Hhayi ngeke Nkulunkulu uma kungukuthi uyangithanda ngempela ,bese kuyisikhathi lesi sokuthi uziveze .”

Ngokwethu kusuke kungasawukhandi umqondo .UNkulunkulu uyangithanda kodwa yimi futhi lo ngibhekene nenhlupheko kumele engabe uyagijima azongenelela angikhiphe kulolusizi. Hle hle, Nkosi kuzomele ngizilungesele mina izinto uma ungaveli ngoba phela ngizoqhubeka ngilimala la .Yindlela yokucabanga yethu leyo ,angithi?

Ngesikhathi uJesu elingwa ehlane ,kaninginingi uSathane wayefika afune uJesu enze lokho kanye ; ukuba avivinye uNkulunkulu..Lokho kwabe kuyisexwayiso nakithina ,uyabona ?  Kumele kubi luphawu lwesexwayiso ?  Uma uSathane ekulinga ukwenza okubi ,ngokwencazo eqondile nje usuke efuna ukukukhipha endleleni !

NgokukaMathewu  4:5-7 Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”

Kungani singamele ukumvivinya simlinge uNkulunkulu? Ngoba usuke Yena enenhloso ethile enhle esuke eyicashise kulenhlupheko asifaka kuyona ,kungaba ngukuthi kunento ayenza nayakha kithi ,kumbe ngabanye abantu ….obakha ngathi ngalenhlupheko …into ongeke osheshe uyibone kumbe isheshe igqame .Yeka ubuwula bethu bokufuna uNkulunkulu uMninimandla onke oqonda konke sifune ukumswinga ingalo yaKhe sithi akenze kanje angenzi kanje,silahle inhloso yaKhe enkulu ngokuphambi kwethu okuyinduduzo nokuqungwa isibindi akwaziyo kuzosakha Yena !

‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.