... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isimangaliso Esikhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Phethru 1:15,16 Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

Listen to the radio broadcast of

Isimangaliso Esikhulu


Download audio file

Ake ucabange mangase kuthiwe uthola inkomishi kumbe indebe yegolide ,isimfukumfukwini yamabibi. Uyicoshe ,ingcolile ,isimagcabhagcabha  yamanaphanapha .Nguwe lowaya uzinqumele ukuyi-cleaner kahle ize ibuyele enhlazekweni yayo yokucwebezela kobugolide .Kuyamangaza lokho angithi ?! Kodwa manje uzokwenzani ngayo ?

Nebala ,ungasho ukuthi uzokwenzani ngayo ?Uzoyibeka kwi-display la ezoba clean futhi iphephe khona na ? Nembala uzokwenza njalo .Kodwa manje uma kunguNkulunkulu Yena uzokwenzani ngayo ? Yebo ,hle hle sesivele siyayazi impendulo ,ngokuba yilokho kanye akwenza ngami nawe ,emva kokuba wasithola ezaleni ,emfukumfukwini yamabibi,wasihlanza sabahle .Ngakube uzoyiphonsa ayibuyisele khona emumva kulelozala ,kungenzeka ngempela lokho ?  

Umbhali nomvangeli waphambilini ,u- Leonard Ravenhill, ukubeka kanje :Isimangaliso esikhulu uNkulunkulu angasenza namhlanje ngukuthatha umuntu emhlabeni ongekho ngcwele ,amenze ngcwele ,ebese ambuyisele kuwo umhlaba ongekho ngcwele bese amgcine engcwele. 

Kwakuvele kuyicebo likaNkulunkulu ukukusindisa ,ukuguqula impilo yakho ,ukukwenza ube msulwa ube ngcwele  qede bese akuphonse akubuyisele khona ezaleni ukuze akusebenzise kulo ,ukuze udonse omunye umkhiphe kulo nawe. 

Kodwa nanku umgoga .Uma ekuphonsa khona ekubuyisela kulo ,kulula ukulahlekelwa ngukucwebezela kwakho ;ngaphandle nje kobumsulwa benhlanzeko yengaphakathi lakho ,nguwe lowaya usuyaqala usubuka abanye abantu kwingaphandle labo .Ngakho namhlanje sikunika iZwi lesexwayiso:

1 EkaPhethru 1:15,16Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,  ngokuba kulotshiwe ukuthi:

“Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

Ungavumi isono sezwe sikuhhudle sikushintshe umbala Hlala ungcwele ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungcwele . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.