... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ithemba Lempela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:10,11 Ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo

Listen to the radio broadcast of

Ithemba Lempela


Download audio file

Amandla nenhlupheko akuwona amagama esivamisa ukuwasebenzisa sikhathi sinye uma sisho umusho.  Kodwa uthola ukuthi kusikhathi sinye impela lakhona sisenhluphekweni  esidinga khona uNkulunkulu ukuba adedele athulule amandla akhe angachazekiyo kithi.

Izolo sikhulume ngolangazelelo lukaPhawuli lokwazi uKhrestu namandla amvusa ekufeni .Amandla ovuko.Amandla kaMoya oNgcwele .Sonke singasho u-halleluyah oqhuma phezulu kulokho.

Kodwa manje impambankwici yenzeka uma esengeza inhlupheko kulolungazelelo lwakhe .Ngempela ?

KwabaseFiliphu  3:10,11 Ukuze ngimazi

yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo

Phawuli ngakube kwakubiza ukuthi uyimoshe lento usuyisho kahle kangaka ,sewungeza manje nenhlupheko futhi ?

Kodwa inhlupheko njengokuba siyazi kulomhlaba owawela esonweni ,iyinto esemhlabeni jikelele . 

Futhi ngenhlanhla uNkulunkulu wehla wazongenelela kulokho wazohlupheka  ngenxa yethu .Nokho akaqhubekenga uJesu esilengelela kulesosiphambano kumbe efile kulelothuna ngoba ukufa kwakungenakumbamba.Yilolovuko uPhawuli alulangazelelayo ,aluthembayo. 

Futhi lolovuko yilo kanye mina nawe esimelwe ukuba ngabalubhekile ngamhla ukuphila kwethu sekuphela la emhlabeni sesibheke kwelizayo .Ngakho shlobo sami ngamhla uhlupheka ngokuzayo ,njengokuba ngingangabazi ukuthi uyabhekana nakho futhi kuseza okunye ,qiniseka ukuthi  andukuba sikuphelele isikhathi emhlabeni ,langazelela uKhrestu ,ukufana naYe ezinhluphekweni zaKhe ,ngoba ungaphila ethembeni eliyidwala eliqinile ,ithemba lakho elingangabazeki lovuko lwakho ingunaphakade ,lakhona sekuphelile izinsuku zezinhlupheko zakho.

Izinhlupheko kulomhlaba zimbalabala ,kodwa noma zinjalo ;uthando  namandla kaNkulunkulu kukhulu zikhathi zonke .

Mlangazelele uKhrestu . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.