... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iyodwa Kuphela Indlela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KuThimothewu 2:5,6 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso.

Listen to the radio broadcast of

Iyodwa Kuphela Indlela


Download audio file

Kungani isizwe siphansi ngobuKhrestu kulezinsuku ? Yini ingempela le eyenza izindaba ezinhle zikaJesu zibe wukuchukuluza kubantu ,zithele usawoti esilondeni? Ukuhlushwa ngenxa yevangeli ,kubukeka kudla amagalani ?

Kungekudala ngike ngavakashela elinye iqeqeba labakhuleka bafunde iZwi ndawonye ,babeqhumaka kumasikompilo ehlukene nokubona okuhlukene . Lokho  kuyinto ongayilindela .

Kwakunenye indoda lapho eyayikholwa ngokuqinile ukuthi iBhayibheli lingezinye zezimpawu  kweziningi olukukhombisa indlela eya kuNkulunkulu. Yabe isiziphe isikhathi ibhekisisa inkolo yobu-Budhha nomqingo wobuSulumane i-Koran. Ubeseziphe isineke ephenyisisa zonke ezinye izindlela ezikhona ,ekhipha imali eshisiwe ethenga ama CD ukuzwe ezwe izazi zezenkolo ezehlukene zethula izinkulumo zazo nokunye nokunye . 

Sasifunda incwadi kaJohane ngalesosikhathi ,yena indlela yakhe wayezama ukuyibuka samfanekiso . 

Ngokwakhe cha uJesu wayengeke sanhlobo akwazi ukuguqula amanzi awenze iwayini .Manje futhi kule yingxenyana kanye athi kuyo , “Ngiyindlela  neqiniso akekho oza kuBaba ngaphandle kwami .” … ngokwakhe ,cha lo owabhala lokho noma ngabe ngubani ,kunencaphephe yokudideka ukubhala .Ngokwale ndoda ziningi izindlela zokuya kuNkulunkulu.Kodwa akuyona indlela le uNkulunkulu ayishiya ivulekela ukuthi ungazikhethela indlela  enye .

1 KuThimothewu 2:5,6 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,  owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso.

Ukuthi siyaliphika iqiniso lokho akulenzi liphelelwe ukuba yiqiniso iqiniso .Ngumhlatshelo kaJesu kulesosiphambano okhokhela isono sakho  nesami . Ukufa nokuvuka kwaKhe yikho okusivulela gengelezi  isicabha sokungena ebukhoneni bukaNkulunkulu sibe naYe  ingunaphakade lonke . Inye phaqa indlela .NguJesu .Yiqiniso lelo elimiyo elingaguquki .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.