... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izimpawu Zakho Ezingubungozi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 13:40-42 Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Nanku umbuzo engicela ukukubuza wona namhlanje ,uyakholwa yisihogo ? Uyakholwa ukuthi siyindawo yokuhlukana noNkulunkulu futhi sibe yindawo yokuhlushwa isimbelambela ?Ngoba esikukholwayo kwenza umehluko omkhulu ngendlela esiphila ngayo .

Ucwaningo lukhombisa ukuthi ezweni laseMelika   ,izinkomba zingu 76% kwabakholwa yiZulu , kodwa bangu  32% abakholwa ngukuthi isihogo siyindawo  yokuhlushwa nobuhlungu ingunaphakade naphakade . Umbhalo kwi – New York Times  kwiminyaka embalwa yakubeka kanje : “Umqondo wokulahlwa ingunaphakade ,awakhi mqondo ngokweBhayibheli ,nangokucabanga ngisho nangokokuziphatha  awunabulungiswa .Kodwa khona unjalo kwabaningi uyihuho  elibambe lakhohlisa imqondo wabo .” Ngukubuka lokhu okuhlabana umxhwele . Angazi ukuthi yiliphi iBhayibheli lomlisa owayelifunda yena ,kodwa nakhu engikwaziyo uJesu akusho:

NgokukaMathewu 13:40-42 Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.  INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Hmm. U-Charles Spurgeon ukubeka kanje : “Isiphambano siluphawu lwengozi kuwe . Sikuxwayisa ukuthi uma uNkulunkulu engayiyekanga iNdodana yakhe ezelwe yodwa pho wena angakuyeka kanjani .Siyi-lighthouse emile ogwini lolwandle lwesono esiqhoqhweni samatshe aso sikutshela ukuthi uma ungasiyeki isono uphenduke uzoya kofalakahlela qede ube yizicucu  .”

Uma isihogo singekho ,kanjalo neZulu alikhandi mqondo . Ngakho sihlobo asithole simumathe lesisambulo  sikaJesu ukuthi isihogo sikhona .UJesu weza ukuba sigweme ukuyogedla amazinyo  kuso ingunaphakade ,lokho sikwenza ngokubeka ukholo lwethu kuJesu .Khona manje kwenze lokho likulalele iZulu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.