... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kubani Kumbe Kwini Othembe Kuyo ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:2,3 Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika. Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni

Listen to the radio broadcast of

Kubani Kumbe Kwini Othembe Kuyo ?


Download audio file

Enye yezinto engenza ngithuke njalo uma ngizithela kuyo eBhayibhelini ,yisihloko sokusoka . Kwabe kungumthetho weBhayibheli omdala ndulo ndulo ngisho kungakatholakali umjovo owenza ungabuzwa ubuhlungu mawuhlinzwa njalonjalo . Ouch, ngempela !

Ukusoka kowesilisa kwabe kungolunye lwezimpawu ukuthi ungumuntu kaNkulunkulu . Kwakungumthetho ofuneka uwugcwalise kuleyonqubo esesiyibiza manje ngesivumelwane esidala – i-contract endala phakathi kukaNkulunkulu nabantu baKhe.

Kodwa ngesikhathi uKhrestu efika wawugcwalisa umthetho. Leyomthetho emdala yemihlatshelo namasiko awasadingeki  kulowo owethembe umhlatshelo kaJesu esiphambanweni ukuba sithethelelwe nguNkulunkulou ngawo ,esikhundleni sokugcina yonke lemithetho engu 613 nokwakungavunyelwe okwakuqoshwe kwi-Torah –UGenesise,Eksodusi ,uLevithiku ,Numeri noDutheronomi .

Kwamnandi  thina esisekulezinsuku ….ikakhulukazi kubantu abanjengami  ngiyazifela injabulo ukuthi sesikholwa kwelinye ikhasi ! 

KulesisiVumelwano Esisha  somusa ,kungokuthi wenzenjani ngalokhu uJesu akwenzile ,esikhundleni sokugcina umthetho okubukeka engekho owakwazi ukuwugcina uphelela namanje futhi okungeke kwenzeke noma usukhala ,izimo zemfuyo zivese zibe luphawu lokuqala oluphika ngokusobala ukuthi akekho ongawugcina umthetho wesivumelwano esidala ngoba kwakushwelezwa kuNkulunkulu ngomhlatshelo usuku nosuku hhayi ngamhla ubhonasile uzizwa usese,cha. 

Kodwa kuyamangaza ukuthi kusekhona abantu abasawayinda iwashi …balibuyisele kwisiVumelwano  Esidala . Nakhu uPhawuli akushoyo ngabo : 

KwabaseFiliphu  3:2,3Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusoka. 

Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni

Amagama alumelayo lawa nebala . Iphuzu alishoyo lapha ngukuthi ukukhonza kweqiniso ngukukhonza uNkulunkulu ngomoya,esikhundleni semithetho nezinqubo nemiqathango yakhona .

Ungazephuci inkululeko ngokuzibuyisela emumva emthethweni emdala ongesenakuyigcina igcineke  ,Ubani nje osenezimvu zokuhlatshwa  ekuseni nantamba usuku nosuku ,365 days  a year,okwesabatha lonyaka ophelele golokoqo makuyiJubili ubani osengaligcina athathe leyo –leave yonyaka wonke ?  Shlobo sami uJesu weza ukuzokukhulula. Usuphansi komusa waKhe manje awusekho ngaphansi komthetho 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy