... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuhle Emoyeni Wami (4)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseThesalonikha 3:16 We pray that the Lord of peace will give you peace at all times and in every way. The Lord be with you all.

Listen to the radio broadcast of

Kuhle Emoyeni Wami (4)


Download audio file

Imvamisa ,uma kwehla incithakalo ,uma sihlupheka kanzima ,sivese sikhale kuNkulunkulu ukuba aqede lobubuhlungu nalenhlupheko ,ukuze asikhulule kulobuhlungu ,sivese sikwenze lokhu singazange sabuza ukuthi lithini icebo laKhe  okungenzeka yilo elisohlelweni .

Kulezinsuku besilokhu sithi jwathu ivesi ngevesi laleliculo elimnandi elithi  It is Well With My Soul – Kuhle Emoyeni Wami . Njegokuhba ngake ngasho ukuthi labhalwa ngu -Horatio Spafford, ummeli owayenempumelelo futhi enebhizinisi  lezomhlaba nezakhiwo  elenza kahle , okwacekeleka phansi ngomlilo omkhulu wase -Great Chicago wango 1871 nenzikamnotho eyenzeka ngenxa yaleyoncithakalo.

Indodana yakhe yayivele isishonile ,yanquma ukuyokhonza iNkosi e-Ngilandi ibe ngusomishani kunye no  D.L. Moody ezinkonzweni zakhe zezimvuselelo , ngakho wasala ngemumva yena wathumela amadodakazi akhe amane nonkosikazi wakhe ngesikhathi yena esasele elungisa isimo . 

Ngeshwa wazika umkhumbi wabo .Wonke amadodakazi akhe ashabalala ,kwasinda unkosikazi wakhe u- Anna, naye ngomusa. Usizi lolu olungakholakali ! Lezozimo kwakungeke zivese zishabalale ngisho kungathiwa wayethandaza kakhulu kangakanani .Nokho ,wakwazi ukubhala lamagama alandelayo ,ohambweni lwakhe olwabe lunesithukuthezi ngamhla enqamula uLwandle i-Atlantic eyedwa:

Kimi,Makube nguKhrestu ,nguKhrestu ukuphila : Noma ngabe umfula iJordani belingangimboza ,
Akukho ukwethuka kobuhlungu obuzumayo, ngoba ekufeni njengasekufeni , Uzonyenyeza ukuthula kwakho emphefumulweni wami .

U-Horatio wayesefinyelele ekuboneni ukuthi uma uKhrestu simenza abe yikho konke ,noma ngabe sehlelwa yini ,uJesu ukhona lapho ukunyenyeza ukuthula kwakhe emphefumlweni wethu .Futhi kwesinye isikhathi yilokho kanye akuhlelile . 

2 KwabaseThesalonikha  3:16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

Futhi yiwona mthandazo wami ngawe shlobo sami namhlanje .Ukuthi noma ngabe yini ekwehlelayo ,kube ngukuthi kuKhrestu  abukho ubuhlungu obuzumayo obuzoba ngobakho ngesikhathi enyenyeza ukuthula emphefumulweni wakho . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..