... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuhle Ukuthemba UJehova

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 118:9-12 Kuhle ukuphephela kuJehova ,kunokwethemba izikhulu.Bonke abezizwe bayangizungeza ,egameni likaJehova ngiyakubachitha.Bayangikaka,yebo ,bayangizungeza,egameni likaJehova ngiyakubachitha.Bayangibunganyela njengezinyosi,bacimeka njengomlilo wameva,egameni likaJehova ngiyakubachitha .

Listen to the radio broadcast of

Kuhle Ukuthemba UJehova


Download audio file

Sonke sinazo izitha .Siyafisa enga asinazo ,kodwa okusalayo zikhona .Kukhona abantu la emnyango othola ukuthi bagcwele umona .Kukhona abantu la emnyango mhlawumbe esabanyathela amakhona .Kukhona abantu la emnyango othola ukuthi asizihhudli kahle kubo ngenxa  yesakheko sethu ,sikwenze singaboni lokhu. 

Ungangizwa kabi ,akusona sonke isitha la emnyango esifuna ukusibulala ,kodwa asethembeke ekutheni kunabantu la emnyango abangagida uma singaphumeleli sicikizelwa yizinto .Kunabantu la emnyango abangasifiseli okuhle .Leyomcabango ayimnandi ,futhi okuthi uma sibhekana nabo bangabantu okungemnandi ukuhlangana nabo nokwenzeka lapho akuncibilikisi inhliziyo .

Emumva le eThestamenteni  Elidala ,kwabe kunemikhuleko eminingi evela kubantu bakaNkulunkulu ukuba banqobe izitha zabo .

Njengalona 

Amahubo 118:9-12 Kuhle ukuphephela kuJehova ,kunokwethemba izikhulu.Bonke abezizwe bayangizungeza ,egameni likaJehova ngiyakubachitha.Bayangikaka,yebo ,bayangizungeza,egameni likaJehova ngiyakubachitha.Bayangibunganyela njengezinyosi,bacimeka njengomlilo wameva,egameni likaJehova ngiyakubachitha .

Yazi futhi kahle hle ,yihubo leli lokunqoba .Lixoxa indaba yokuthi uNkulunkulu wenze njani esimweni esasingukufa nokuphila ,ekwenza lokho ephindaphinda .Kodwa lokho ngakube kuthini kithina kwimanje nakusasa?  Lokho kungena ndlelani ezitheni zethu ? 

Ezikhathini eziningi sibeka ithemba lethu ezintweni ezi-wrong .Kubaholi abanohlonze lokuzalwa[charismatic leaders]  kumbe  kwabanye abantu ,kithini nasemandleni ethu .Kodwa kungcono ,kungcono kakhulu ,ukwethemba uJehova .Ngoba isibindi sethu  simi ekuhluleleni kwakhe okuliqiniso .Amandla asemandleni aKhe .Okulapho isibindi sethu kuba ngukuthi konke lokhu uzokulungisa esikhathini  esihle nesifanele . 

Kuhle ukuphephela kuJehova ,kunokwethemba izikhulu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..