... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kulungele Ukuvala Umlomo Wakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 29:11 Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.

Listen to the radio broadcast of

Kulungele Ukuvala Umlomo Wakho


Download audio file

Ukuhlangana ndawonye kunguKhisimusi kusengaba yisibusiso esikhulu. Ukubuzana impilo nabathandiweyo bethu kumnandi …kuze kube seligaya ngomunye umhlathi. Kuze kube sekuvuka udweshu oludala . Kuze kube sekukhona osesho kumbe owenze utho oluvukuza intukuthelo endala komunye . 

Sonke sibile kulesosimo,asikaze sibe kuso? Ngoba into ekhona ngemindeni ,ngukuthi sesibonene isikhathi eside sindawonye .Ngakho ukugida uphindela ukuphila nobuthaka obudala nomuntu oseduze kuwe kuyachukuluzana .

Futhi akusho lutho ukhaliphe kangakanani futhi uhleleke kanganani kodwa okwake kwakucika ngomuntu kubuya isibili uma esekuphinda phambi kwakho .Futhi ukungathokozi kuhlala kube njengefu elimboze ukuphila kwakho ,omunye athi bengizothokoza kuKhisimusi kodwa buka sengixoveke kanjani . Nakhu uKhisimusi wami usulimele futhi . 

Kwangenza ngahleka kancane ukufunda lombhalo lusuku lumbe : Ukukhuluma izilimi eziningi kuyinani elihle elikhulu kodwa ukukwazi ukuthula esigabeni lakhona okufanele phezu kokuba uzazi zonke lezilimi ,lokho kuyigolide ngokwakho .

Futhi isizathu sokuhleka kancane kulokhu ,yingoba lendaba siyayibamba ,angithi?! Sonke singabuka kwimumva lethu  qede sibone ukuthi makuthiwa savala imilomo yethu ,izinto zazizoba ngcono .

Izaga  29:11 Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.

Ngakho uma kungukuthi uzogubha uKhisimusi nomuntu ongakuthokozisi kahle nasi isiyalo.

Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.