... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungani Ungeke Wamguqula Omunye Umuntu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 2:24-26 Inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela, ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso, basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.

Listen to the radio broadcast of

Kungani Ungeke Wamguqula Omunye Umuntu


Download audio file

Enye yezinto enzima ebudlelwaneni ngukuthi lo omunye umuntu angavese aqine satshe kwesinye isikhathi . (Cha akubi yithina nembala kubo yilo omunye umuntu .) Futhi sewuke wakuqaphela ukuthi baqine kangakanani wena ongafunga ukuthi kwaphekwa bona kwaphekwa itshe,lavuthwa kuqala itshe .Abaguquleki impela !  

Ngiyazi uyazi ukuthi ngikhuluma ngani .Sonke sibile kulesosimo. Uyakwazi ukubona ukuthi lo omunye akawubambi umshini sanhlobo . Uyabona impela ukuthi uphambana neziza neno.Ungayibona inhlekelele ayibangayo kumbe azoyibanga ngalokhuqinisa kwakhe ikhanda .Kodwa uthole ukuthi khona kunjalo ungamphikisa uze uqhume impandla kodwa lutho uwubhodwe kalivuthwa .Kanti yini ngempela ngaye ?

Kunento engayibona ngolunye usuku ,angazi yabhalwa ngubani ,kodwa iyimpendulo ekucabangisayo kulombuzo ,lombhalo wawuthi :Ake ukucabange ukuthi kunzima kanjani ukuziguqula wena siqu ,uzoqonda –ke ukuthi yini kunzima kangaka ukuguqula omunye umuntu uma kunzima kuwe luqobo . 

Akulona iqiniso lelo ?! Pho manje ubhekana kanjani nalomuntu eliqinile kuye ikhanda ,ukwenze lokho ngokobuNkulunkulu ? 

2 KuThimothewu  2:24-26 Inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela, ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo,kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso, basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.

Indlela enobuNkulunkulu izibele ,ukubekezela ,ubumnene ngesikhathi sisazama ukubafundisa ….ngoba lokho kunika uNkulunkulu utho lokulusebenza .Ekugcineni kosuku nguYe kuphela ongabaguqula .NguYe kuphela ongabakhulula ogibeni lukaSathane .Izibele ,ukubekezela  nobumnene. 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..