La khona Abangani Beqhela
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 19:4 Imfuyo iyanezela abangani abaningi ,kepha ompofu uyakushiwa ngumngane wakhe .
Ayikho into ebuhlungu nezikisa inhliziyo ukwedlula la khona abangani bekuzengeza uma konke kuhamba kahle ,kothi kungasha amadamu baqale beqhele njengamaxoxo eseyofuna amazolo amasha .Sewake wabhekana nokunjalo ?
Uma ungakaze ,yeey ngiyakubongela kumnandi kuwe .Uma konke kungubuthebelele wonke umuntu ufuna ukuba ngumngani wakho .Uma sewuphahlaka usha ,lakhona imizwa yenhliziyo yakho inokuyaluza ,uma impilo yakho iba manaphanapha ,futhi nembala labo abazibiza ngabangani kuwe boqala bahoshe izinyawo bahlehle baqhele kuwe .
Nembala akuyona into entsha leyo . Eminyakeni engaphezu kuka 3000 eyadlula iNkosi ehlakaniphile uSolomoni wabeka kanje :
Izaga 19:4 Imfuyo iyanezela abangani abaningi ,kepha ompofu uyakushiwa ngumngane wakhe .
Lokhu okuletha umbuzo kithi ngamunye ukuthi hloboluni lomngani engiyilo ? Ngakube ngingumngani ohamba ngamafu ,osondelayo la kunemvula ngakhona aqhele la kunendlala ngakhona ? Kumbe ngakube ngingumuntu onamathela eduze kwabangabangani kimi ngisho nala khona seligaya ngomunye umhlathi kumazombezombe ?
Ngakho ake ngikubuze –hlobo luni lomngani oyilo –ngakube uyanamathela kulabo okubahambela kahle njengamanje kunye nalabo abadonsa kanzima ? Ngakube uvese uzithole ulula ukuwela kulabo abanotho abanto zabo zihlangene bese uyaziqhelisa kulabo abadonsa kanzima?
Ndlela thizeni kuyimvelo lokho. Sonke siyabudinga ubudlelwane obufukulanayo .Kodwa futhi ndlelanye nathi siyadinga ukuba sebudlelwaneni lakhona kuyithi esikhiphayo kungabi yithi njalo esimukelayo .
Imfuyo iyanezela abangani abaningi ,kepha ompofu uyakushiwa ngumngane wakhe . Ungabi wuhlobo lomngani onjalo
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.