... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lakhona Imizwa Yodwa Ingenele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaJohane 3:18 Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.

Elinye lamaqiniso eBhayibheli elinamandla ngukuthi uthando alulona ibizo  nje kuphela kodwa liyisenzo futhi.Alusiyona into onayo noma ongenayo ,kodwa liyinto oyenzayo futhi.

Uma ungitshela namhlanje ukuthi  unonakekelo ngomuntu thizeni ,ngoba uyamthanda,okwami ukuphendula kuzothi ,kulungile kuhle lokho .Kodwa manje ukukhombisa kanjani lokho? Ungabatshela kanjani obathandayo ngolimi oluzokwenza babone ubathanda  ngeqiniso? Bazokwazi kanjani lokho ngokungangabazi ? 

Ngoba phela ,yilona phuzu lelo ,angithi ? Uthando aluyona into engumuzwa owehla wenyuka uwuphethe ngenhliziyo yakho .Ngamanye amazwi aluyona nje into ,alilona ibizo .Uthando luyisenzo futhi .Luyigama elenziwayo . 

1 EkaJohane  3:18 Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.

Ngubani nejngamanje empilweni yakho omthandayo ,kodwa ongazi ekujuleni ,ngokungangabazi ukuthi umthanda ngempela ? 

Obuka lokho okushoyo nokwenzayo  [kumbe mhlawumbe lokho ongakusho ongakwenzi ]  qede asale ezibuza ukuthi ekaze umthanda ngempela ? 

Manje:  Zibuze wena ukuthi yini ongayenza ukuze abone kumbe babone ukuthi uyabathanda ngempela ?  Hloboluni lwesenzo esincane sezibele ,amazwi enkuthazo ,yiyiphi isurprise encane engingabanika yona namhlanje ,ezofaka umbuzo obanika impendulo yokungalungabazi uthando lwami kubo ? 

Nansi into ehlekisayo ngothando .Kuhlala kuyinto encane ekhombisa lowomuntu ukuthi nebala usenhliziyweni yakho . 

Imizwa ayiphelele .Uthando lwakho lumelwe ukuba ngoloqobo .Khombisa  uthando lwakho ngezinto ozenzayo .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..