... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngenhliziyo Evumayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 119:14-16 Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyoNgiyakuzindla ngeziyalezo zakho ,ngihloniphe izindlela zakho .Ngiyakuthokoza ngezimizo zakho angiyiukhohlwa yiZwi lakho .

Listen to the radio broadcast of

Ngenhliziyo Evumayo


Download audio file

Uma ngibuka emumva ohambweni uNkulunkulu asengihambise lona ,ngibona izinto ezimangalisayo azenzile enhliziyweni yami. Futhi okuthi uma ngibuka phambili ,ngiyabona ukuthi kusekuningi okumangalisayo anakho angihlelele khona .Kuwe kunjani  ?

Impilo iluhambo  futhi kungumkhuleko wami ukuthi nawe uthi mawubuka emumva ,ubheka indlela uNkulunkulu akuhambise yona kwaza kwala ,ukwazi ukubona ukuthi ukukhulise kangakanani ,ekucwecwa ,ekucwazimulisa ,kuzozonke izikhisi namagquma empilo .Umuntu onguye namhlanje umelwe ukuba ngokhulile kakhulu ,nothobile kakhulu, futhi ogcwele ubuNkulunkulu kakhulu kunakuqala uma kuqhathaniswa neminyaka engu 5 eyedlula . 

Futhi loluhambo oso -theology abalubiza ngokungcweliswa  (nakuba ngithanda mina ukulubiza ngokukhucululwa wenziwe busha ) 

luyisenzo esenzeka isikhathi eside empilweni . UNkulunkulu unomsebenzi omkhulu adinga ukuwenza kuwena ,njengokuba nakimina esonomkhulu ngokufanayo nakuwe . 

Kodwa kwesinye isikhathi lowomsebenzi ubukeka ujamile.Kwesinye isikhathi akubi ngukuzizwa sengathi nje asiyi phambili kuphela ,kodwa kunalokho kube sengathi sidonseleka emumva ,sishibilikela emumva ezonweni zethu zakudala . 

Kungani kube njalo ? Ingxenye enkulu yingoba siyaqhela sikubalekele ukuqondiswa nguye empilweni. Umqondo wokulalela ,awukaze waba ngomnandi hle hle  … sewake waba mnandi ?

Amahubo 119:14-16 Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo Ngiyakuzindla  ngeziyalezo zakho ,ngihloniphe izindlela zakho .Ngiyakuthokoza ngezimizo zakho angiyiukhohlwa yiZwi lakho .

Manje nangu umuntu okulangazelele ukwazi nokwenza intando kaNkulunkulu. Futhi yikho lokho kushisekela kanye okungamisi nje ukushendela emumva kodwa okuba yisikhuni esibaselayo ,kunikane amandla okulubekela phambili  ekukhuleni kwelikamoya .

Kulangazelele ukwazi intando kaNkulunkulu nokumlalela .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to heavy rains that flooded our TV studio, there’s no video for today’s Fresh. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.