... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Akuphumele Ekukhanyeno

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:21 Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

Listen to the radio broadcast of

Akuphumele Ekukhanyeno


Download audio file

Imvamisa uma sinotho esifuna ukulufihla kusuke kubandakanya isono . Akuhlali kunjalo ,kodwa imvamisa .Uma unento ofuna ukuyifihla kubantu .Ngakho uma unento ofuna ukuyifihla kubantu ,umbuzo osemqoka ngukuthi , “Kungani”?

Sake saxoxa ngama deal enziwa  esithe ,abantu abazibandakanya nawo.Bayakuzonda ukukhanya ,kwasho uJesu kanjalo ,ngoba kuzoveza  izenzo zabo ezimbi.Lokho  kumele kusiphaphamise .Zinto zini okungenzeka besizenza ,okungathi uma zivezwa ekukhanyeni ziyosishayisa ngamahloni ? 

NgokukaJohane  3:21 Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

UJesu wathi , Ngiyindlela neqiniso nokuphila . Ngakho indlela eliqiniso yindlela elandela uJesu .Ingxenye enkulu yokukhula kuKhrestu,ngukuphuma ebumnyameni ,uze ekukhanyeni .Lokho kuchaza ukuthini ? 

Ngakho ngingakubuza umbuzo namhlanje ,zinto zini ozenzayo ongathokozela ukuqhubeka uzigcina zisesithe ? Ngitshele zinto zini? Angikutshele ukuthi sekuyiskhathi sokuziletha ekukhanyeni. 

UBerni Dymet kuleministry esikuyo nakuba ngokwenqubo eyi – CEO, kodwa u-accountable ekomitini elizimele elinamandla kakhulu ,okubiza konke kube sobala ,futhi sinenqubo yokuziphatha yeministry .Sinesigatshana esinika noma ubani kuleministry ukuthi ashaye ikhwela uma kukhona okushaya amanzi kuShlalo weBhodi ,lokho okubavikelayo abaphethe .Kungani? 

Ngoba okusemqoka ngukuthi umholi akabe accountable ,angaziphathi noma ikanjani kuzo zonke izihloko zokuphila ;kuqinisekisa ukuthi inkambo nezenzo zomholi ziyabukwa futhi zisekukhanyeni ,azifihliwe esithe ezihlahleni lakungasondeli muntu khona abone kwenzekani .

Shlobo sami yini empilweni yakho odinga ukuyiletha ekukhanyeni ?

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy